Amaphoyisa azingela osolwa ngokudlwengula intombazanyana (10)

333

SKHOSIPHI MTHEMBU

ASEKHIPHE isitatimende amaphoyisa asePort Shepstone, ecela ukufuniswa owesilisa osolwa ngokunukubeza intombazanyana (10), eMurchison. 

Kubikwa ukuthi isigameko senzeka mhla ka-8 kuLwezi (November) ngonyaka odlule. Isitatimende samaphoyisa sithi umsolwa, uMnu Nhlakanipho Nhlaka Mlambo (36), wasabisa le ngane ngommese ngaphambi kokuba ayinukubeze. 

Siqhuba sotho, isisulu sabikela uninakhulu ngokwenziwe ngumsolwa kuso, kwavulwa icala. 

INkantolo yeMantshi yasePort Shepstone isikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe uMlambo. 

Unina wale ntombazanyana – ongeke adalulwe ukuyivikela – uthi ufisa uMlambo abhekane necala ngesihluku asenze enganeni yakhe. 

“Bengihlala eThekwini ngenxa yomsebenzi, yona (ingane) ihlala ekhaya. 

“Ngosuku eyanukubezwa ngalo, yayidlala nezinye izingane. 

“Kuthiwa uMlambo wayibiza, efuna ukuyithuma. 

“Yafika kuyena wayiyalela ukuba ingene endlini yakhe, wayivalela, wayinukubeza.  

“Eseqedile, wayesabisa ngokuthi uzoyibulala uma ike yakhuluma,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi kwasiza ukuba  enye isho ukuthi nguMlambo owanukubeza indodakazi yakhe. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe bacela ongaba nolwazi lokuthi ukuphi uMlambo, axhumane noCapt Kishore Giani, ongumphenyi wecala kule nombolo ethi 082  417  7069 noma ashayele inombolo yamahhala ethi 08600  10111.

Previous articleIsikhuni sibuye nomkhwezeli “kohlasele” esikoleni
Next articleIsililo ngengane (6) edephunwe ngama-pit bull akwamakhelwane yashona