SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA
UKUGXEKA kulula kunokwakha, uma wakha uzinikela ngandlela zonke, uzama ukuphumelela entweni oyakhayo. Abagxeki imvamisa kabanaso isikhathi sokubheka ukuthi leyo nto abayigxekayo isukaphi.
Nasemaphoyiseni kubhekwene nento enjalo. Zolo lokhu kade kukhalwa ngokuthi amaphoyisa kawasebenzi, kumanje kukhalwa ngokuthi adubula, abulale. Kazi abasuke bephethe izibhamu bona kababulali yini uma bedubula amaphoyisa.
Kunomkhuba wezifundiswa nabacwaningi, abavele babuke izimo ezenzeka ezweni lethu bese beziqhathanisa nezamazwe asentshonalanga – okuyi-United States of America (USA) namazwe ase-Europe.
Kuqala kwakufika izivakashi zivela emazweni aphesheya amasontshwana ambalwa, bese kuthi uma sezifika emazweni azo, zibhale imbudane ngathi nezwe lethu.
Kungani njalo uma kwenziwa ucwaningo, kubekwe phambili i-USA? Zingakanani izigigaba zokunyathelwa kwamalungelo ezenziwa yi-USA kwamanye amazwe? Zingakanani izimpi ezikhona emhlabeni ngenxa ye-USA?
Njengamanje kunezifundiswa ezibalula ukuthi amaphoyisa aseNingizimu Afrika abulala abantu ukudlula i-USA, ngabe ziyabheka yini ukuthi sibhekene nobugebengu obunjani kuleli?
Obunye balobu bugebengu budalwa yizidakamizwa ezisuka kuwo la mazwe asentshonalanga. Kumanje abantu abaningi
bazokutshela ukuthi sebake bagetshengwa noma izihlobo zabo zagetshengwa. Abantwana bethu bacwile ezidakamizweni, isizwe sethu siyaphela. Yiqiniso ukuthi nasemaphoyiseni zikhona izigilamkhuba. Lokho kudinga indlela yakho yokukusebenza.
Kade kungcwatshwa amaphoyisa njalo nje, kalukho ucwaningo lwezifundiswa oluqavile oluqhamuke nesixazululo kulokhu.
Inhlokodolobha yaseRwanda, iKigali, iphephe ngendlela eyisimanga. Kungani abacwaningi bengasitsheli ngokuthi iRwanda yona yenza ngani?
Izinga lokuphepha kuleliya lizwe libalelwa ku-75,65%. Pho yini eyenza siye kude, sishiye izwekazi lethu?
Lokhu kusakhombisa nokuthi kwayona imfundo yethu isenza sinamathele kulawa mazwe ayesibukela phansi. Kuningi okusafanele kulungiswe ukuze imfundo yethu isenze sikhululeke ngokomqondo.
Masinganeliseki ngalokhu esikutshelwayo ngaphandle kokukucwaningisisa ukuthi kuphetheni. Masingabuki into (form), kodwa masibuke ukuthi isiphatheleni (content).
Okuqukethwe yikhona okosenza sithathe izingqumo ezifanele.
Mhla ka-9 kuNtulikazi (July) 2021, abantu bavuka umbhejazane, batapa izitolo, bagqekeza izimboni. Babalelwa ngaphezulu kuka-354 abantu abafa kule nxushunxushu.
Izakhamizi zaseNingizimu Afrika zagxeka amaphoyisa ngokuyekela abantu batape, fuhi bacekele phansi izitolo nezimboni.
Njengamanje amaphoyisa azama okusemandleni ukubuyisa umthetho nozinzo ezweni lethu, kodwa ayagxekwa. Kungajabulisa ukubona izifundiswa zethu zibheka izixazululo emazweni ase-Afrika ngoba ezinye zilele kulo leli zwekazi lethu.
Kuyavela ukuthi ukuthunjwa kwabantu osekuyinsakavukela, ongqondongqondo bakho ngabantu bakhona lapha e-Afrika.
Lokhu kusho ukuthi kumele sibe nobudlelwano namazwe ase-Afrika ukuze sikwazi ukulandela izigebengu nangaphandle kwemingcele yethu.
Kumele sizibuze ukuthi kungani ebantwini bangaphandle kube lula ukwenza ubugebengu ezweni lethu kunasemazweni abo?
Kungajabulisa ukubona abantu bakithi beyingxenye yokulwa nobugebengu, kunokulwela amalungelo ezigebengu kuphela.
Kalikho izwe eliphumelelayo uma kudlange ubugebengu kulo.
Ubugebengu yibona obudala ukuncipha kwamathuba emisebenzi. Abanini-zimboni bayathutha baye kwamanye amazwe, sisale sincela izithupha.
Zingakanani izimboni ezathutha ngengxa yomtapo? Kumele sazi ukuthi uma izwe lethu liguqa, abangaphandle banamazwe abo.
Amaphoyisa enza umsebenzi oncomekayo naphezu kwengcindezi evela ezinhlanganweni ezahlukene ezingenasixazululo sokulwa nobugebengu.
*UMnu Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation
Wayengumqondisi eKZN office of the Premier: Community Partnership and Moral
Regeneration
Ungumbhali wencwadi esihloko sithi “Talking to Yourself – The Journey to Self-discovery”
Uyatholakala nge-email ethi: nkwanyanacb60@gmail.com
naku-066 544 5466 ngocingo nangeWhatsApp