KNOWLEDGE SIMELANE
KUDELA owaziyo ukuthi yiyiphi ezogob’ uphondo phakathi kwamaphoyisa eTheku nabahlali basemgwaqweni njengoba kubikwa ukuthi abanye babo bayadlubulundela enkanjini yezokuphepha kwi-coronavirus, babuyele emigwaqweni bekhala ngokuthi bancishwa “oncamnce neziphuzo ezibandayo zokwehlisa”.
ILANGA lilunywe indlebe ukuthi imizamo yephini leMeya yeTheku, uNkz Belinda Scott, yokuqoqa laba bahlali basemgwaqweni abadume kakhulu ngamaphara, balo-ndolozwe enkanjini, ayifezeki kahle ngenxa yabathile okucacayo ukuthi impilo yasezitaladini seyabajova egazini, kabasayingeni eyokuphila impilo yenhlanzeko nokulala endlini.
ILANGA libabonile abanye nga-sepaki i-Albert Park, bengaphansi kwezimpambano-migwaqo. Bebemi amaqoqwana, bethi ba-ngabona amaphoyisa, bathi galo yephuka, banqamule kojantshi besitimela. Bebuzwa yiLANGA ukuthi kabayesabi yini i-coronavirus njengoba bebeka impilo yabo engcupheni, omunye wabo omhlophe, uthe kabasayejwayele impilo yokweluswa njengezimvu.
“Ukuvalelwa kuleya ndawo, sihlale imini yonke, kunzima. Thina lapha emgwaqweni kunezinhlangano ezisipha ukudla okumnandi kabi, sehlise ngama-dessert neziphuzo ezibandayo.
“Laphaya sidla ipapa ekuseni, kube yinyama emini, kasibe sisakuthola ntambama, nawoke ‘amancamnce’ lutho,” kusho umhlali wasemgwaqweni.
Isikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku, esingathandanga ukuba sidalulwe, siveze ukuthi bathwele kanzima ukuqoqa laba bahlali basemgwaqweni.
“Kakulula ukubabamba, bayagijima, beqa ezindaweni ezibucayi. Siyababamba sibayise khona (endaweni ephephile) ngakusasa sibabone sebesemgwaqweni futhi. Sithwele kanzima kabi.
“Bayayisho le nto yabo yokufuna ukudla kamnandi njengasemahhotela. Kabaqondi ukuthi kusizwa bona ukuba bangahaqwa yileli gciwane.”
Ephendula ngalezi zinkulumo uNkz Scott, uthe kuyiqiniso ukuthi kukhona abeqayo kodwa iningi lisathobele umthetho kule ndawo.
Ngokusho kwakhe bazoqhubeka nokubalanda emigwaqweni kuze kudlule izinsuku ezinqunyiwe zokuhlala ekhaya ngomyalelo kaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa sokugonqa izinsuku eziwu-21 emakhaya.
knowledge.simelane@ilanganews.co.za