Amaphoyisa nesikhalo eSABC ngenkulumo kaZimdollar

1033

INTATHELI YELANGA LEMPELASONTO

ASEFAKE isikhalo kwiSABC ngenkulumo ngenkulumo yomsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, amaphoyisa aKwaZulu-Natal abegxeka kuyona amaphoyisa. 

UZimdollar ukhulume ebhodla umlilo emuva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe uMnu Nkululeko Mkhize (30),
ngamaphoyisa ngoLwesithathu olwedlule.

UMkhize ubehlala endaweni yabadla izambane likapondo eZimbali Estate, eBallito.

Emsakazweni ngoLwesine emini, ohlelweni iDankie1223,  uZimdollar alusakaza noKing Sfiso, ukhulume kuzwakala sengathi udiniwe. 

“…into esolisayo Sfiso wukuthi (amaphoyisa) banesizathu
esisodwa njalo. Uma bedubule abantu, bathi bebebadubula. 

“Badutshulelwani bona (amaphoyisa) njalo nje? Njalo nje bona bayadutshulwa? 

“Bafika abantu bezihlalele ezindlini bebadubule. 

“Asizona izingane siyiNingizimu Afrika. Siyabona ukuthi ukhona umyalelo okhishiwe ukuthi akubulawe abantu – kugcine kufa abantu abangenacala,” kusho uZimdollar ohlelweni.

“Mina ngibuhlungu ngoba lolu daba luyangithinta, ngoba nginabafowethu abahlanu abaphansi emhlabathini, amaphoyisa athi ayebadubula (babewadubula), kodwa akunamuntu ophenyayo. 

“Mayesenzile nje amaphoyisa adubula, kusuke sekwanele…”  

Uqhube wathi amaphoyisa eNational Intervention Unit (NIU) ayesatshwa, futhi
ayaziwa.  

“Ngeke emini kwabha, uma engena la estudio, uqhamuke wena uwadubule. 

“Ngeke, ngeke, ngiyafakaza ngami nangegazi lami, ngeke uwadubule ngoba ayesatshwa. 

“Ngibuzela umphakathi nje waseNingizimu Afrika ukuthi,
lezi zingane ezibulawayo okuthiwa ‘ziyayamaniswa’ njalo, zikhulunyelwa nini zona. 

“I-Ipid (Independent Police Investigative Directorate) izikhulumela nini,” kusho
uZimdollar obezwakala ukuthi umoya wakhe uphezulu.  

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi sebesifakile isikhalo eSABC ngale
nkulumo, base becela ukuziphendulela emoyeni. 

NgoLwesihlanu emini, uLt-Col Gwala, ukhulume kulo msakazo, wayigxeka inkulumo kaZimdollar ekhomba amaphoyisa ngenjumbane “ngokwenza
umsebenzi wawo”. 

Uthe akulona iqiniso ukuthi kukhishwe umyalelo wokuthi kubulawe abantu. 

Ekhuluma naleli phephandaba, uLt-Col Gwala, uthe uKhozi FM wumsakazo omkhulu, onabalaleli abaningi, ngakho-ke kuyabaphoxa ukugxekwa kwamaphoyisa kuwona. 

ILANGA Lempelasonto lizamile ukuxhumana neSABC ngalolu daba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba
ingakayiphenduli imibuzo. 

Previous articleUvelile enkantolo uthisha “owadlwengula” intombi ibuya eMhlangeni
Next articleHheyi! Kasilalanga ngenxa yamaBhakajuju!