MTHOBISI SITHOLE
SEKUVULIWE ukuqokwa kwamaciko emncintiswaneni wezindondo zomculo wesintu, iSouth African Traditional Music Achievements Awards (Satma) walo nyaka. Lo mcimbi wasungulwa nguMnu Dumisani Goba (osesithombeni)
UMnu Keletso Dlamini weSatma, uthe ukuqokwa kwamaciko kuzovalwa ngomhla ka-28 kuNhlangulana (June). Uthe emcimbini walo nyaka kuzogujwa iminyaka ewu-30 yentando yeningi ngokuqhakambisa amaciko ayibamba ishisa ngesikhathini sengcindezelo. Uveze ukuthi ukuqhakanjiswa kwamaciko kusezandleni zabathandi bomculo. “Abathandi bobuciko kufanele baqoke amaciko (azoqhakanjiswa) abawathandayo, abafisa angasali ngaphandle kulo mncintiswano okhethekile,” esho.
Uthe kuneminxa ebivaliwe kulo mncintiswano ngesikhathi kubheduka ukhuvethe, ezobuyiswa kulo nyaka. Uqhube ngokuthi umcimbi wokumemezela abanqobile uzokuba seThekwini, kanti owabaqokiwe, isazomenyezelwa indawo nosuku ozokuba ngalo.
Ukuqoka iciko ofisa liqhakanjiswe, uthumela igama lalo, iculo elalikhipha lokuzabalaza, unyaka elaphuma ngawo nendawo elidabuka kuyona. Abaculi aba-thanda ukuqhudelana, bangathumela imininingwane yomculo wabo, okuhambisana nombhalo ochaza kabanzi ngomculo wabo.
Ifomu lokungenela litholakala kwi-website ethi: www.satmaawa-rds.co.za, konke kuthunyelwa kule email: nominations@satma-awards.co.za