Amasosha “agandaye” okuthiwa usolwa ngokweba imoto

    381

    NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

    SISABALELE ezinkundleni zokuxhumana isithombemnyakazo (video) sowesilisa obegandaywa ngamabhuzu ngamalungu ombutho wezempi, waseNingizimu Afrika, okuthiwa usolwa ngokweba imoto yalo mbutho. Kuthiwa amasosha lawa, ambhadame esakhipha isiqophamkhondo (tracker) abe esemthintathinta. Yize abantu abaningi bebencoma isenzo samasosha – ezinkundleni zokuxhumana – kodwa bakhona abebekhuza bebabaza, bethi kuyicala ukushaya umuntu noma ngabe kuthiwa wenze icala elibomvu. Abanye bebethi amasosha azigwazela ibhece kulo msolwa, kumele ngabe enza kanje emingceleni lapho kubhoke khona abantu abangena kuleli ngokungemthetho. Abanye bebethi amaphoyisa kaBheki Cele angafunda lukhulu emasosheni. Ngicela ningangibuzi-ke mina ukuthi ngithini, ngoba nami ngingaze ngithole ibhuzu.

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    Le ngosi iyi-satire

    Previous articleUBLACK COFFEE UHALALISELWE NGENGQOPHAMLANDO
    Next articleAbakaShenge baqokelwe emkhandlwini we-IFP