BHEKI NDLOVANA
I-IEC iqinisekisa umphakathi ukuthi ukubalwa kwamavoti kuzokwenzelwa kuzo zonke izikhungo zokuvota, phambi kwabo bonke abazobe bemele amaqembu abo epolitiki, abazobe bemele abangenele ukhetho ngokuzimela nabaqaphi bokhetho (observers). Ithi emuva kokubalwa kwamavoti ezikhungweni, kuyobe sekuphuma iphepha eliyobe liveza imiphumela ukuba ibonwe yinoma ngubani kuleso sikhungo.
“Kulolu khetho kalukho uhlelo lokuthi kuzothuthwa amaphepha okuvota angabaliwe ayiswe kwenye indawo, lapho eyobalelwa khona. Ukuvota nokubala kuzokwenzeka esikhungweni (sokuvota),” kuchaza uMnu Sy Mamabolo (osesithombeni) oyi-chief electoral officer (CEO), obekhuluma ekuseni ngoLwesibili ngesikhathi echaza ngesimo samalungiselelo okhetho.
Uqhube wathi amaphepha okuvota ayothuthwa kuphela emuva kokuba sekubaliwe, kwaphuma iphepha lemiphumela.
I-IEC igqugquzela abantu ababhalisele ukuvota ukuba babhekisise imininingwane yabo yokuvota, baqaphele izikhungo abazovota kuzo lungakafiki usuku lokhetho, okuwumhla ka-29 kule nyanga.
UMnu Mamabolo uthi kunezindlela ezahlukene abantu abangazisebenzisa ukubhekisisa imininingwane yabo kwa-IEC.
Uthi bangathumela inombolo yabo kamazisi ngomqhafazo enombolweni ethi-32810 noma bangene kwi-website ye-IEC okanye bashayele kwa-IEC ku-0800 11 8000 noma bangene kwi-App yale nhlangano komakhalekhukhwini.
Ukhuthaze abavoti ukuba bazi ngaphambi kosuku lokhetho ukuthi babhalisele ukuvota kusiphi isikhungo, ngoba ngeke bakwazi ukuvota kwabangabhalisile kuzona.
Isikhungo sikazwelonke sokubalwa kwamavoti kuzobe kuyiGallagher Convention Centre, eMidrand.