MZWAMANDLA ZONDI
ABASUBATHI abazokuba yingxenye yeDurban City Marathon ezokuba ngeSonto eKings Park Athletics Stadium, eThekwini, bazothola ithuba lokuthekela ulwazi kwabeComrades Marathon Association (CMA) njengoba bezokube beyingxenye yalo mjaho ukuzolekela abagijimi.
Lo mjaho uzokube uhambisana ne-21km ne-10km kanti yonke izosukela eKings Park kusuka ngo-05h30. IMarathon ngeyokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon. IComrades izokuba mhla ka-9 kuNhlangulana (June) isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.
UCeli Makhoba weDurban City Multisports Club okuyiyona ehlela lo mjaho, utshele ILANGA ukuthi balindele abasubathi abangaphezulu kuka-3 500 kulo mjaho.
“Lo mjaho ngowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon. Okuhle wukuthi ngeSonto abeCMA bazokube bekhona ukuzothatha izikhathi kubasubathi ukwenza impilo yabo ibe lula.
“Iningi labasubathi liyaye libe nenkinga yokuthumela izikhathi elizenzile. Ukuba khona kwabeComrades kuzokwenza ukuba umsebenzi ube lula kubagijimi. Umjaho wethu unomzila omuhle futhi abasubathi bayawuthanda ngoba benza izikhathi ezinhle kuwona. Bengicela bonke abasubathi abangakazenzi izikhathi nabafuna ukwenza ngcono izikhathi zabo ukuba bafike ngobuningi babo ngoba umzila wethu uqondile kawunazo izintaba,” kusho uMakhoba.
Uthi ngoLwesihlanu nangoMgqibelo bazokube beseKings Park lapho bezokube bekhipha khona izinombolo kubasubathi, baphinde bathathe nemingenelo kulabo abangakwazanga ukubhalisa online.
“Konke kumi ngomumo. Ngikhuluma nje, bengizokwamukela iCoke kanti namanzi azokube enele njengoba ilanga lishisa kulezi zinsuku, siqinisekisile ukuthi sinamanzi anele emzileni,” kuphetha uMakhoba.
Abasubathi abazokwenza kahle kulo mjaho bazohlomula ngemali, izikibha nezindondo. Abafuna ukuba yingxenye yawo bangaxhumana noMandla Makhathini kwethi: 082 783 7691 noma uMakhoba kwethi: 073 175 8725.