Amukelwe ngenhlokomo AmaBhokobhoko

365

NHLANHLA HUDLA

LIMUKELWE ngenhlokomo iqembu lesizwe lombhoxo laseNingizimu Afrika, AmaBhokobhoko ngesikhathi litheleka e-OR Tambo International Airport, eGoli namuhla ekuseni.

AmaBhokobhoko aziqophele umlando enqoba indebe yomhlaba ihlandla lesine emuva kokuguqisa iNew Zealand ngo-12-11 kowamanqamu walo mqhudelwano, ngoMgqibelo eFrance.

Abalandeli balo mdlalo badele imvula, baphuma bayohlangabeza amaqhawe abo abeholwa ngukaputeni weqembu, uSiya Kolisi, oziqophele umlando eba ngowokuqala kuleli ukuphakamisa le ndebe amahlandla amabili elandelana. 

NgoLwesine AmaBhokobhoko azoqala umjikikelezo wokukhombisa ngendebe ePretoria naseGoli. NgoLwesihlanu azokube eseCape Town, ngoMgqibelo azokuba seThekwini ngaphambi kokusonga lo mjikelezo e-East London ngeSonto.

Previous articleOwamaBhokobhoko uthi kungabuyisa ithemba ebantwini ukunqoba kwaleli qembu
Next articleOweChiefs usenethemba ngesicoco seligi