Angase abuyele e-England uTau

516

Kuthiwa ufunwa ngumqeqeshi wakhe wakudala osemgqeni wokwenyukela kwi-EPL

UMDLALI weBafana Bafana uPercy Tau.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
ANGASE abuyele e-England umdlali weBafana Bafana okuvela ukuthi umqeqeshi wakhe wakudala usemfake ebhukwini labadlali afuna ukugadla ngabo ngesizini ezayo. ILANGA LangeSonto lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uPercy Tau, ogijima kwi-Al Ahly yase-Egypt, angase ayishiye le kilabhu uma kuphela isizini ajoyine iBurnley edlala kwi-England Championship esethubeni lokwenyukela kwiBarclays Premiership. UTau (28) ujoyine i-Al Ahly ngesizumbulu semali esuka kwiBrighton and Hove Albion edlala kwiPremiership. Nokho akazange adlale imidlalo etheni kwiBrighton njengoba isikhathi esiningi ibibolekisa ngaye.


Ike yameboleka iRoyale Union Saint-Gilloise, iClub Brugge ne-Anderlecht, okungamakilabhu aseBelgium. Kuvela ukuthi uVincent Kompany (osesithombeni) ongumqeqeshi weBurnley, osebenze noTau kwi-Anderlecht ngesizini ka-2020-2021, ufuna ukusayinisa lo mdlali ngesizini ezayo. IBurnley isethubeni lokwenyukela esigabeni esikhulu njengoba iqhwakele kwi-log yeChampionship ngamaphuzu awu-83 emidlalweni ewu-37. Isalelwe yimidlalo ewu-9 nje kuphela kwiligi. Ilandelwa yiSheffield United enamaphuzu angu-70 emidlalweni efanayo. Kulesi sigaba ikilabhu eqede endaweni yokuqala neqede kweyesibili anyukela kwiPremiership ngaphandle kokuya kuma-play-off, bese kuthi unombolo-3 kuya ku-6 badlale ama-play-off okuphuma kuwona oyedwa kubona ozokwenyuka.


Umthombo waleli phephandaba osondelene noTau uthe: “UKompany useke wakhuluma kaningi noTau wamtshela ukuthi uma benyukela kwiPremiership noma kanjani uzomlanda ngoba uyakholelwa kuyena. “Amathuba okuthi ashiye e-Egypt makhulu ngoba vele naye akasathandisisi kahle ukuba kuleliya lizwe. Kodwa-ke konke kuzocaca ngokuphela kwesizini ngesimo sakhe. “Okuhle wukuthi uKompany uyakholelwa kubadlali bakuleli njengoba esanda kusayinisa noLyle Foster kwiBurnley.” Imizamo yokuthola uTau ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba esekhempini yeBafana Bafana edlala eyokuhlungela i-Afcon ezokuba ngasekuqalenikonyaka ozayo e-Ivory Coast. UDominic Chimhavi, wezokuxhuma kwiSafa, uthe ngeke lo mdlali akwazi ukukhuluma njengoba iBafana inemidlalo emqoka neLiberia yokuhlungela i-Afcon.

Previous articleOwaseNigeria utuse uShenge ngokulwela inkululeko
Next articleKufezeke isifiso sokuba ngubaba kuMoshe Ndiki