Angase adedelwe elimele oweChiefs

528

SENZO SOKHELA

ANGASE adedelwe elimele uGeorge Matlou (25) (osesithombeni), ongumdlali weKaizer Chiefs, okuvela ukuthi inkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa isizini. Lo mdlali ujoyine iChiefs kumasizini amabili edlule esuka kwiMoroka Swallows. Selokhu efike kwiChiefs, udonsa kanzima njengoba isikimu abuye angasitholi. 

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi lo mdlali angase adedelwe uma kuphela isizini.  “Njengoba uMatlou engabonakali nje, ulimele. Uke wahamba nangezinduku. 

“Okubuhlungu wukuthi ulimala nje nenkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa isizini. Kuvela ukuthi usohlwini lwabadlali ezingase zingavuselelwa izinkontileka zabo ngokuphela kwesizini. Yena-ke angase adedelwe ngoba ngendlela alimele ngayo, angase aqale ukudlala kahle ngesizini ezayo. Uma kungenzeka abe kwiChiefs ngesizini ezayo, kuyoba unenhlanhla. Bekuvele kufanele adedelwe maphakathi nesizini kwasho khona ukuthi umqeqeshi uCavin Johnson uyamdlalisa, kwaze kuba wukuthi uyalimala,” kusho umthombo waleli phephandaba.

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba, uthe kakukho asakutholile mayelana nokuhamba kwabadlali, cishe leyo nto iyokhulunywa
ngasekupheleni kukaNhlaba (May). 

Previous articleUbuyela enkantolo owokufika osolwa kwelokudlwengula abulale ingane
Next articleUMtolo makanikwe ithuba abhale i-essay, achaze olweSilo saseBalito