Uphila ngokulimala selokhu wajoyina iziMpofana
SENZO SOKHELA
ANGASE aphelelwe yisinkwa uLeonardo Castro (32) ongumgadli weKaizer Chiefs osephinde walimala ekubeni belivele licikizela ikusasa lakhe kule kilabhu njengoba kuthiwa inko-ntileka yakhe iyaphela uma kusongwa isizini. Lo mdlali udonseke umsipha ngoMgqibelo ngesikhathi iChiefs iguqisa izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates ngo-2-1 kowe-DStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto.
Amagoli eChiefs avalelwe enethini nguReeve Frosler noMulomowandau Mathoho, eleBucs lashaywa nguKwame Peprah.
IziMpofana zigqemeke udume kulo mdlalo uCastro edonseka umsipha emuva kwethanga lesobunxele, wazicelela ukukhishwa. Ulimala nje, bekungakapheli ngisho isikhathi esingakanani engene endaweni kaLebohang Manyama ngesiwombe sesibili. Ukulimala kwalo mdlali kushiye imibuzo ngekusasa lakhe njengoba inkontileka yakhe iphela uma kusongwa isizini. IChiefs ibingakathi vu ngentsha. Nokho kuvela ukuthi vele imanqika ukumgcina ngenxa yakho ukuba ngumuntu kadokotela.
UKaizer Motaung Jnr ongumqondisi jikelele kwiChiefs, uke wakuveza ukuthi indaba yabadlali abaphelelwa yizinkontileka kulaba asebekhulile basayidlela amathambo engqondo. UStuart Baxter ololonga iChiefs, uthi kubashayile ukulimala kukaCastro ngoba kuhliphize izinhlelo zabo. “Bekuwumdlalo onzima womkhaya lona, sidlale kahle ngesiwombe sokuqala, besihleleke kahle nomdlalo siwulawula. “Sishaye igoli sabe sesidembesela, iPirates yacindezela yathola elokulinganisa. “Ngenhlanhla silitholile igoli lesibili, kodwa nakhona sangazibamba zaqina ngoba sicishe sakhavwa.
“Besilokhu sigxumagxuma ebhentshini ngenxa yokuthi kunabadlali abebedonsa kanzima. “Besivele sihlele ukuthi sizofaka uLeo (Castro) endaweni ka Lebza (Manyama) ngenxa yokuthi akekho qatha ngokwanele. “Silwenzile lolu guquko ngenxa yokuthi uLebo ubengalitholi ibhola ngokwanele, safaka uLeo ngebhadi wadonseka umsipha ethangeni kwashintsha konke ebesikuhlelile. “Phezu kwakho konke, ngijabule ngoba sinqobele abalandeli bethu nekilabhu, sabanika umphumela omuhle,” kusho uBaxter.