angase avumbuke kwi-Highlands uPhala

670

SENZO SOKHELA

ANGASE athole ikhaya umdlali osanda kulaxaza ikilabhu egijima kwi-Absa Premiership obesekunezinsolo zokuthi uyaliyeka ibhola.

UThuso Phala (osesithombeni) odlala esiswini, ugqabule ifindo lomshado neBlack Leopards ekhala ngokuthi le kilabhu kayimdlalisi. Lo mdlali kuvele ukuthi uyaliyeka ibhola ngenxa yokuhlukumezeka akuthole kwiLeopards. Lezi zindaba zivezwe ngunina uSuzan Phala ohlonishwayo ebholeni njengoba esebenze iminyaka kwiPlatinum Stars.

Leli phephandaba lithole ukuthi lo mdlali angase azitholele ikhaya kwiHighlands Park okuvela ukuthi iyamfuna. 

Kuzokhumbuleka ukuthi u-Owen Da Gama ongumqeqeshi weHighlands nguyena omveze ebholeni eminyakeni edlule ese-ngumqeqeshi weSilver Stars ejike yaba yiPlatinum Stars.

IPlatinum kwayona kayisekho njengoba ithengwe eCape Town yashintsha igama yaba yiCape Umoya United kanti seyidlala kwiGladAfrica Championship.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UDa Gama uyamthanda uThuso kwazise basuka kude naye ngezikhathi zeSilver Stars. Okuhle wukuthi abanye abaphathi abebekhona kwiSilver Stars bakhona kwiHighlands, bayamazi uPhala. 

UDa Gama uthembise ukuthi uzomnika umsebenzi kodwa okwamanje makalinde kuze kubuye kahle imidlalo. 

Umthembise ukuthi izovuleka indawo njengoba kunabadlali abanjengoTendai Ndoro azobakhomba indlela.”

UDa Gama uthe kakukho azokuphawula okwamanje kuze kube kuphela i-lockdown. Uthi kunzima ukuphawula ngezinto ezinjena njengoba kungenzeki lutho ebholeni.

Previous articleImingcwabo iyingozi kwiCovid-19
Next articleUgaqelwe eyaseChina owodumo kwi-BUCS