PHUMLANI GAMA
ANGENA elakanyana amaze enduduzo ngokudlula emhlabeni kwababeyizimeya KwaZulu-Natal, abashone ngezindlela ezahlukene ezindaweni ezahlukene.
IMeya yaseMhlathuze, uMnu Xolani Ngwezi, ikhiphe isitatimende izwakalisa ukudabuka ngokudlula emhlabeni kukaMnu Zakhele Mnqayi (osesithombeni) owayeyimeya yalo masipala kusukela ngo-2007 – ngethikithi le-ANC – ngaphambi kokuba ayosebenza eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal. UMnqayi oshonele esibhedlela ngoLwesine olwedlule – emuva kokungeniswa khona ngenxa yengozi yemoto – beyisekela lomqondisi ehhovisi likandunankulu.
UNgwezi uthe kuningi okuzokhumbuleka ngoMnqayi. Ubalule iqhaza lakhe ekusebe-nzeleni umphakathi ngokuzikhandla nango-kuzinikela emisebenzini ayejutshelwe kuyona kusukela kuMasipala uMhlathuze kuya ezingeni lesifundazwe.
Kwesinye isigameko, kudlule emhlabeni uMnu Hloniphizwe Zondi (63) owayeyimeya yaseMsunduzi, eMgungundlovu ngo-2000 kuya ku-2006. UZondi kuthiwa udlule emhlabeni esi-bhedlela iBaragwanath, eSoweto, eGauteng, ngoLwesibili, emuva kokungeniswa khona ngoMgqibelo, exinwe wukugula.
Wazalelwa eSoweto, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wafudukela KwaZulu-Natal, ehamba nonina naye ongasekho.
UZondi unomlando omude ngokwezombu-sazwe njengoba wajoyina umzabalazo eneminyaka ewu-16. Wafunda eMehlokazulu High School, eMbali,
eMgungundlovu.