Anicabangi nje ukuthi inkinga ineChiefs hhayi uNgeguire?

    1140

    NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

    BAPHI laba ababethi uSiyabonga “Ngeguire” Ngezana ungumfundi kaHarry Maguire weManchester United, lo onganqeni ukuthi kuyi-final, i-score kungu-1-1, avele ashaye i-own goal ngomzuzu wokugcina kwi-extra time? Babethi usezingeni likaPetro kubafundi beNkos’ uJesu. Niyabona izingane zenzani? Ziyamthanda uNgeguire, zifuna ngisho ijezi lakhe. Phela uNgeks ushaye igoli ezakhe, iFotbal Club Steaua București zihluba iBihor Oradea ngo-2-0 koweRomanian Cup, namhlanje. Ngizwile nje ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs – eyadayisa lo mdlali ngo-R12 million – bakhala bayazithulisa njengoba umengameli wekilabhu yakhe ethi abamfunayo manje, sekumele bakhiphe u-R141 million. Anicabangi nje ukuthi inkinga yiChiefs, hhayi abadlali ngoba phela noNjabulo Blom, wayedlala into engacacile nje eziMpofaneni, kodwa waya e-USA, wafike wajika abelungu bashishiliza ngezinqe sengathi badlala intshununu, lokhu esasithi wumabhengwane ngakithi, KwaDlangezwa? Ngiyezwa nje abanye bethi: “Hhayi suka, vele uNgezana udlala kwi-farmersleague, ozakwabo baqala ngokuvuna amazambane nobhontshisi ngaphambi kokuya ejimini.” Hheyi uzonibulala nife fi umona bakithi, masizehlise nje simjabulele uNgeguire weNkosi. Ngicabanga ukuthi nonozinti weziMpofana, uBrandon Petersen angafike abambe ngisho impukane uma engaya ekilabhini kaNgezana. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    Previous articleUnqaba ukungcwaba ingane eyashona esanda “kuyizala”
    Next articleKuphenywa ngembangela yomlilo obhunqise izimoto (11) oThongathi