ANOVALO AMALUNGU OMNDENI WEMENENJA ETHUNJIWE

333

PHUMLANI GAMA
KUSENZIMA nokulala emndenini weMenenja kaMasipala wesiFunda iNkangala, eMpumalanga, uNkk Maggie Skhosana (osesithombeni) njengoba silobe izolo ngoLwesithathu ingakatholakali emuva kokuba ithunjwe ngo-Lwesine olwedlule. UNkk Skhosana uthunjwe nomshayeli wakhe, uNkz Gugu Mtshweni, phambi konogada bakamasipala, ngokusho komthombo. Izigilamkhuba bezihamba ngeFord Fiesta kanti kuthiwa onogada bebezitshela ukuthi bathathwa ngamaphoyisa. ILANGA lixhumane no-Mnu Peter Skhosana oyilungu lomndeni, oveze ukuthi umndeni udliwa yingebhe ngalesi sigameko. “Sesikhulume kakhulu ngalolu daba, esikucelayo manje yimikhuleko kubantu ukuze batholakale laba abathunjiwe. Wonke nje amalungu omndeni walapha ekhaya, anovalo, isimo sibi kakhulu,” kusho uMnu Skhosana.


Ekhuluma emsakazweni womphakathi wendawo uMnu Brian Manyaka ongusihlalo weSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu), unxuse amaphoyisa ukuba aqinise uphenyo oluzoholela ekutheni kubanjwe izigilamkhuba. I-ANC eMpumalanga ngesandla sikaMnu Ngelozi Ndlovu oyikhulumelayo, ikhiphe isitatimende inxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane namaphoyisa kutholakale izisulu. Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga, uBrigadier Selvy Mohlala, uthe kuvulwe icala lokuthumba emuva kokuba abasolwa abebezenza amaphoyisa bethumbe laba besifazane. Uthe imoto ebihamba izisulu, isihlalo esinamasondo nesikhwama, kutholakale kulahliwe.
phumlani@ilanganews. co.za/www.ilanganews.co.za

Previous article‘Makufundiswe ukuhasha ezikoleni’Auto Draft’
Next articleBalinde izwi loNyazi ngomcimbi weSilo