Asephinde agadla amaphoyisa KwaZulu-Natal kusala “izinswelaboya” enkundleni

288

THANDOLUHLE NGUBO

BABALELWA ku-9 abasolwa ngokuba yizinswelaboya ebezifunelwa amacala abucayi – okubalwa kuwo awokubulala, ukuqhumisa imishini yemali – abathelwe othulini ngamaphoyisa aKwaZulu-Natal ezigamekweni ezahlukene kuleli konto. Namuhla, ekuseni, amaphoyisa abulale abasolwa abawu-5 ezigamekweni ezimbili ezehlukene. Esokuqala senzeke eMpangeni lapho amaphoyisa edubule abulala amabasolwa abathathu. 

Kubikwa ukuthi amaphoyisa abesezithendeni zabo njengoba bebebandakanyeka ecaleni lokuqhunyiswa komshini wemali elenzeke izolo ngoLwesine eSikhaleni, lapho kugcine kusale khona umsolwa oyedwa enkundleni ngesikhathi bethathana nawo amaphoyisa. Laba abathathu babalekile bangena emobeni. Kuthiwa namuhla amaphoyisa agasele endlini abebecashe kuyo, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona, nawo angabuzanga mkhuhlane, aphindisela ngalo izulu lezandla. Kube sekuvela ukuthi abafi bebesolelwa amanye amacala abalelwa ku-10 okubulala. 

Esigamekweni sesibili esenzeke eNanda, amaphoyisa edubule abulala ababili abasolwa ngokuba yingxenye yeqembu lezigelekeqe, iWest Gang, elihlalise kabi umphakathi. Amaphoyisa abesegasela okwesibili eNanda kuleli sonto njengoba ngoLwesibili ntambama edubule abulala abasolwa abathathu abebefunelwa uhide lwamacala okubulala – okubalwa kuwo nelokubulala iphoyisa elasala enkundleni nyakenye ngesikhathi izigebengu zitholana phezulu namaphoyisa kule ndawo. 

Ngesikhathi uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni) esendaweni yesigameko ngoLwesibili, uveze ukuthi izigebengu ezidubula amaphoyisa kumele zilindele ukuthi nawo azokwenza okufanayo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uziqinisekisile izigameko. 

Previous articleKubanjwe umoya ngesinqumo senkantolo lwelikaRamaphosa
Next articleInhloko yamajaji entsha income amagalelo kaZondo