Asethembe ukuthi uRamaphosa kukhona akufundile kumaBhokobhoko

    170

    NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

    SIYABONGA, sihalalisa kasiqedi ngokwenziwe ngamaBhokobhoko, equkula iNdebe yoMhlaba ye-IRB amahlandla amabili elandelana, emuva kokuhlula izimbangi zawo ezinkulu, iNew Zealand ngo-12-11 kowamanqamu izolo eFrance. Le ndebe yelama AmaBhokobhoko ayiqukula ngo-2019 eJapan. Njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ebekhona kulo mdlalo wayizolo – nakhu nje uyabonakala ezithombeni equkula indebe engakaze agijime ngisho u-2m – siyethemba ukuthi uke wadlana indlebe nabaphathi bamaBhokobhoko, ebuza ukuthi yena angenza kanjani ukuze akhe iNingizimu Afrika eyinqanawe njengaleli qembu lesizwe. UHulumeni wakhe ushaya ngongqongqoshe abangange-staring line-up yomdlalo we-American Foofball, kodwa izwe wuhologo libheke eweni. Uma ngabe kuwukuthi umengameli ujabule kwaze kweqa wakhohlwa wukucoshacosha ulwazi kubaphathi bamaBhokobhoko, lisekhona ithuba, usengakhokhoba njengomfundisi othi usindisiwe, enyonyoba eya emzini wenyanga eyofuna amakhathakhatha okwandisa abazalwane ebandleni lakhe. Sithi halala! Halala maBhokobhoko, niyisibuko esihle seNingizimu Afrika!

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    Previous articleTHOLA ILANGA LEMPELASONTO (28 October 2023)
    Next articleOwoZalo ubona ukuhlukumezeka koBen 10