Aseveziwe amagama amasosha akuleli abulawe eCongo

214

INTATHELI YELANGA

ASEVEZIWE amagama amalungu eSouth African National Defence Force (SANDF), abulawe yibhomu eDemocractic Republic of Congo (DRC) mhla ka-14 kwephezulu njengoba amavukelambuso evuke umbhejazana agasela emayini yegolide eesifundeni iDjugu, esifundazweni i-Ituru. Bawu-14 abantu okubikwa ukuthi sebebulelwe kulolu dlame, kubalwa namalungu eSANDF, uCaptain Simon Mkhulu Bobe noLance Corporal Irben Thabang Semono. Kulokhu kuhlasela, kulimale amanye amasosha aseNingizimu Afrika okumanje aselashwa esibhedlela esiseGoma kanti kubikwa ukuthi lezi zidlamlilo zithumbe abantu abawu-16. 

Abafi bebeyingxenye ye-1 South African Infantry Battalion – ebijutshwe ne-2 South African Infantry Battalion – emuva kokutshalwa kuleliya lizwe ukuyophemba uxolo, ngokohlelo lweSouthern African Development Community (SADC). 

Usuku lwenkonzo yesikhumbuzo sabo, belungakamenyezelwa. UNgqongqoshe wezokuVikela eNingizimu Afrika nozakwabo, kubalwa neNhloko yeSANDF, uRudzani Maphwaya, badlulise amazwi enduduzo emindenini yabafi. 

Iningi lisola ukuthi abavubeli balolu dlame yiM23, okuyiqembu lezihonga zamaTutsi aseCongo, osekuneminyaka itholana phezulu namasosha aseDRC esiyingini, iNorth Kivu, empumalanga yaleliya lizwe. 

Uhulumeni wakuleliya lizwe uthi iM23 eyingxenye yamaqembu awu-120 ezihonga, yesekwa ngezikhali yiRwanda engumakhelwane weDRC. Izingqaphezu ze-United Nations and European Union, zithi kunobufakazi balokhu, kodwa iRwanda iphika ima ngentaba, ithi kayihlangene nhlobo nala mavukelambuso. 

YINHLOKO yeSADF, uRudzani Maphwaya

Ngeledlule, iNingizimu Afrika imemezele ukuthi izothumela elinye ibutho lamasosha awu-2 900 empumalanga yeCongo. Izinhlangano zosizo lokuqala zithi kusukela ngoLwezi (November), sebengaphezu kwesigidi abantu asebephenduke ondingasithebeni ngenxa yalolu dlame, kanti lesi sibalo selama u-6.9 million wasebeshiye imizi yabo eNorth Kivu ebhekene nokugqoza kwezinsiza zokuphila. 

Previous articleKabagculisekile ngemiklomelo abagwedli
Next articleIngebhe ngokuhoxiswa kwamaphoyisa abeqaphe ukwebiwa kwezimoto