Avunwe yinkantolo amakhansela axoshwa wuMasipala waseMvoti

121

PHUMLANI GAMA

APHUME eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu etshakadula okwamathole ebona onina amakhansela e-IFP, emuva kovunwa yile nkantolo odabeni lokuxoshwa kwawo yiziphathimandla zoMasipala waseMvoti ngoba esolwa ngokwehluleka wukuhambela imihlangano emine eyayibizwe wumkhandlu. 

La makhansela, awu-8 e-IFP nelilodwa le-ABC, anikwa izincwadi zokuxoshwa ngasekuqaleni kukaMandulo (September) kophezulu. 

Isinqumo sokuxoshwa kwawo sathathwa yiziphathimandla zalo mkhandlu emuva kokuba zithole iseluleko esiwugunyaza ukwenza lokhu eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguNkk Bongi Sithole-Moloi. 

USihlalo we-IFP eMzinyathi, uMnu Mlethi Ndlovu, uthe sibathokozise kakhulu isinqumo senkantolo, ngoba kwasekuqaleni amakhansela abo ayekuvezile ukuthi kakukho ngisho nowodwa umhlangano owawusemthethweni angaphumelelanga kuwona. 

“Sisazohlangana nezinhlaka ezehlukene ukuze sibhunge ngezinyathelo okufanele sizithathele laba abamisa amakhansela ethu, okuphazamise izinto eziningi, kubalwa nokubambezeleka kwezinhlelo zokuhanjiswa kwentuko emphakathini,” kusho uNdlovu. 

ILANGA lixhumane noMnu Siboniso Mngadi, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ogcine ethembise ukuthi uzobuyela kuleli phephandaba nemininingwane ephelele. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleSekusele kosopolitiki ukuqhuba umgqigo “ovutshelwe” ngamaBhokobhoko
Next articleIkhale ngocansi inyanga ilahlwa yicala