Awase-Europe aselinde impendulo yeBucs ngoMabasa

66

SENZO SOKHELA

ASELINDE impendulo kwi-Orlando Pirates amakilabhu ase-Europe okuvela ukuthi afake isicelo sokuthenga uTshegofatso Mabasa ongumgadli wale kilabhu. ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi iBucs ingase ilahlekelwe nguMabasa onqobe umklomelo womshayimagoli ophambili kwiDStv Premiership ngesizini edlule, evalela awu-16. Unqoba lo mklomelo nje, ubebuya ebunzimeni njengoba iBucs ibilokhu ibolekisa ngaye.

Ngesizini eyandulela esanda kuphela, ubebolekiswe kwiSekhukhune United. Ekuqaleni kwesizini edlule ubekwiMoroka Swallows. Maphakathi nesizini edlule ubuyele kwiBucs. ILANGA lithole ukuthi kunekilabhu yaseRomania neyaseBelgium aselinde impendulo kwiBucs ngalo mgadli.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “Aseyibekile nemali afuna ukumthenga ngayo. Kodwa-ke iPirates kayikaphenduli njengoba imatasa ihlela ukuyokwenza amalungiselelo okuqala kwesizini eSpain. Njengoba ingatatazeli nje ukuphendula la makilabhu, wukuthi kayifuni ukuxhamazela kwazise inethemba lokuthi kungenzeka kuqhamuke amanye akhona e-Europe nokungcono njengoba izohlala amasonto amabili eSpain ingcweka namakilabhu ehlukene. Empeleni kayigculisekile ngalokhu okubekwa yila makilabhu.”

Imizamo yokuthola uSihlalo weBucs, u-Irvin Khoza ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. Leli phephandaba lizibonele ngawalo umyalezo ovela kwi-agent yaseFrance icela i-agent yakuleli ukuba iyibhekele ukuthi kwenzekani ngoMabasa kwiBucs.

Iveze ukuthi ithunywe yikilabhu yaseSaudi Arabia efuna lo mdlali. 

Previous articleIyaphithizela imakethe yamakilabhu ePSL
Next articleKusolwa amaphoyisa “ngokuphathisa” umufi (16) isibhamu emuva kokumdubula