AwePSL kawagudluki kuMato kwesebamba le-CEO

594

PHILANI NCALANE

UYAQHUBEKA nokunuka amakha amnandi uMato Madlala (osesithombeni) kumakilabhu ePremier Soccer League (PSL) njengoba iningi lawo liphakamise ukuthi aqhubeke nokuba yibamba lesikhulu esiphezulu kule nhlangano.

I-PSL ibibambe umhlangano wokuqoka ubuholi obusha izolo ngoLwesithathu eGoli. UMato selokhu abanjiswa lo msebenzi ngo-2015. Ungumnikazi weLamontville Golden Arrows obekwenza abanye bakungabaze ukunikwa kwakhe lo msebenzi njengoba ikilabhu yakhe idlala ngaphansi kwePSL.

Amakilabhu yiwona angafuni ukuthi uMato asuswe kulo msebenzi njengoba emncoma ngomsebenzi wakhe. Amakilabhu athi okuhle ngokubanjiswa kukaMato lo msebenzi, wukuthi uliqonda kahle ibhizinisi likanobhutshuzwayo. 

Kubuye inqwaba yamalungu abevele ekhona esigungwini ebesiphelelwa yisikhathi. U-Irvin Khoza ubuyiselwe ngaphandle kokuphikiswa kwesikasihlalo.

Amanye amalungu esigungu esiphezulu akhethiwe kubalwa uKaizer Motaung weKaizer Chiefs, uMato we-Arrows, uJohn Comitis weCape Town City, uStanley Matthews weSuperSport United, uDavid Thidiela weBlack Leopards, uRejoice Simelane weMamelodi Sundowns noRobert Benadie weStellenbosch FC. 

UComitis ukhuza ibuya esigungwini esiphezulu sePSL, kanti ungene endaweni kaKhumbulani Konco weBloemfontein Celtic. 

UBenadie uthathe indawo kaJose Ferreira obekwiBidvest Wits edayisele ilungelo lokudlala kwiDStv Premiership iTshakhuma Tsha Madzivhandila. 

UKhoza umncome kakhulu uFerreira ngokuzikhandla kwakhe kwiPSL, futhi wamnxenxa ukuba angahambeli kude ngoba bayaludinga ulwazi lwakhe olujulile lwebhizinisi lokuphathwa kwebhola.

UKonco, uSiviwe Mpengesi, uRantsi Mokoena, uLawrence Mulaudzi no-Isaac Mulaudzi bakhale ngaphansi okhethweni. Nokho-ke uKhoza ubaduduze ngokuthi bazofakwa emakomidini ehlukene ePSL. UKhoza uthe kumqoka ukuthi iPSL ingami ngomuntu oyedwa. 

Ugcizelele ukuthi kumele kuhlale kusetshenzwa ngokubambisana ukuze le nhlangano iqhubeke nokudlondlobala.

Previous articleUmndeni usulibeke kuSenzo ithemba ngababulali
Next articleNgeke ashenxe esikhundleni sakhe uMagashule