Axwayisa indodakazi kaMsholozi amalungu eMK “axoshwe” ephalamende

249

THANDOLUHLE NGUBO

AKHOMBA ngenjumbane uNks uDuduzile Zuma-Sambudla oyindodakazi kaMengameli woMkhonto Wesizwe Party (MKP), nguMnu Sihle Ngubane obengunobhala waleli qembu, umkhulumeli walo uMnu Hlamulo Ndlela nomholi wentsha uMnu Nqobi Msezane ngokusebenzisa iqembu ngenhloso yokuzizuzisa nokuthatha izinqumo ngaphandle kokukhuluma nobuholi beqembu amalungu awu-10 oMkhonto “abhonculwe” yiqembu lawo ekubeni ngamalungu ephalamende.

Lokhu kuvezwe nguMnu Thami Khuzwayo (ophakathi esithombeni) – ongomunye wabaxoshiwe – ngesikhathi la malungu ebize isigcawu nabezindaba eWestern Cape, namuhla ngoLwesine, eyophefumula okokuqala emuva kokukhishwa kwawo ephalamende. UKhuzwayo uthe ukukhishwa kwabo ephalamende akukho emthethweni ngoba kayilandelwanga imigudu efanele.
“Abanye bethu lapha bebeqashwe ngokuphelele emisebenzini yabo. Kwathi uma kuvuleka ithuba lokuya ephalamende baxhumana noNgubane bebuza ukuthi benzenjani emisebenzini yabo, wabatshela ukuthi mabesule ngoba baneminyaka ewu-5 abazoyisebenza njengamalungu ephalamende. Njengamanje, amanye ala malungu ayizihloko zemindeni kawasasebenzi njengoba ayeka emisebenzini enethemba lokusebenzela iqembu,” esho.

Uthe ukujoyina kwabo i-MKP kwakungekhona ukufuna izikhundla, kodwa kwakuwukusebenzela isizwe. Uveze ukuthi bazame konke ukuxhumana noZuma kodwa kwangalunga, wathi laba baholi abane ababalulile, bazama ngayo yonke indlela ukuthi mabakhishwe ephalamende bangafinyeleli kuMsholozi eNkandla.

UKhuzwayo uxwayise uNks Zuma-Sambudla ngokuthi makangasebenzisi ukuba yindodakazi kamengameli ukuxhaphaza amanye amalungu eqembu. “Nathi singamalungu eqembu njengaye. Makangasebenzisi-ke amandla okuba yindodakazi kamengameli ukuxhaphaza amanye amalungu. Sinethemba lokuthi nathi sizobuyela ephalamende, kodwa uma kuwukuthi siyakhishwa khona, kuzomele kulandelwe umthethosisekelo weqembu,” esho.

Uveze neyencwadi yokuthi uyesula, wathi akakaze asayine ncwadi, uma kukhona othi wesulile, kuyomele akufakazele enkantolo lokho.
Uthe bayakwemukela ukufika kwamalungu asuka kwi-EFF, kodwa bayafunga ukuthi ngeke azithathe izihlalo zabo ephalamende. Kuzokhumbuleka ukuthi kugcine kumisiwe ukufungiswa kwamalungu amasha ephalamende aleli qembu, kuze kube kuxazululwa lolu daba njengoba lusenkantolo.

Previous articleUMogoeng uveze “eyokugoloza” kukaZondo ukuncetheza
Next articleUmphakathi udele amakhaza “kolowabulawa wagqitshwa emzini” osendaweni