Ayaqina amathemba ngokubuyela kuka-shenge ekhaya

1034

NONHLAKANIPHO SHINGA

UZWAKALISE ithemba uDkt Ngqengelele Buthelezi – okhulumela umndeni waKwaPhindangene – lokuthi kuyophela isonto isisekhaya iNkosi Mangosuthu Buthelezi njengoba etshele ILANGA ukuthi ngokwemibiko yodokotela, kakukashintshi ukuthi uShenge angase aphume esibhedlela. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngeSonto ngesikhathi uShenge ehlanganisa iminyaka ewu-95 yobudala, umndeni uveze ukuthi ku-yobungazwa kahle uma esebuyele ekhaya, ngoba akayena owomndeni kuphela, kepha ungowesizwe nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika. 

Yilapho oveze khona ukuthi kulindeleke ukuba aphume esibhedlela kuleli sonto. 

UDkt Buthelezi uthe njengomndeni, bajabule kakhulu ngesimo uShenge akuso njengoba sibonakala sishintsha, sibangcono kakhulu kunakuqala. 

“NgoMsombuluko nje, odokotela bakhe bamxilongile bebheka ukuthi kungabe usekulungele yini ukubuyela ekhaya, kanti nangoLwesibili nayizolo ngoLwesithathu, bebesakhuluma ngokukhulu ukugculiseka ngendlela alulama ngayo. 

“Sinethemba elikhulu lokuthi leli sonto lizophela esengasekhaya, ikakhulukazi uma sibheka indlela alulama ngayo,”kusho uDkt Buthelezi.

Uveze ukuthi njengoba uShenge ebehlanganisa iminyaka ewu-95 ngeSonto, uluthokozele kakhulu usuku lwakhe. 

“Ubejabule ngendlela eyisimanga ngosuku lwakhe,” kusho yena.

Ngosuku lwakhe lokuzalwa, abaholi ema-zingeni ahlukene – namaqembu ezepolitiki ngokwahlukana kwawo – bamfisele ukululama okuhle,  futhi bamhalalisela ngokuhlanganisa le minyaka edla enhlamvana. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUselinde incwadi “emdilizayo” owe-EFF
Next articleBabone unya emamatheka enkantolo