Ayibanga lula indlela eya empumelelweni

1627

U-Abraham useqalile ukuzakhela igama ebholeni

UTAMMY Abraham usewine nemiklomelo ngokuvelela kwakhe.

UMA ungabuza noma yimuphi umqeqeshi ukuthi yimuphi umgogodla webhola lezinyawo uzokutshela ukuthi wukuqina kwezinhlaka zokulithuthukisa emazingeni aphansi. 

Amakilabhu amaningi ase-Europe achitha eningi imali ezinhlakeni zawo zokuthuthukisa ibhola ngoba ayakholelwa ekutheni zingumgogodla. 

Lena yinto okufanele amakilabhu amaningi ase-Afrika ayikopele ngoba asasele emuva. 

UTammy Abraham ongumgadli ongalibheki ipali kwiChelsea, ukhulele esikhungweni sayo sokuthuthukisa ibhola kusuka ku-Under 8 njengoba manje esedlala esikimini esikhulu. 

Lo mdlali ungowokuzalwa eCamberwell, eGreater London.

Unomfowabo omncane uTimmy Abraham ogijima esikhungweni sokuthuthukisa ibhola seFulham.

Impumelelo yalo mdlali ayizange ize kalula njengoba abantu becabanga. 

Uze wafinyelela esikimini esikhulu seChelsea nyakenye njengoba ekade ehla enyuka entunta emakilabhini ehlukene.

Ngesizini ka-2016/17 iChelsea imbolekise kwiBristol City egijima kwiChampionship. Usayine kuyona isizini.

Isizini yakhe ayizange ibe yinhle kangako yize ubewashaya amagoli.

Ngesizini ka-2017/18 iChelsea imbuyisile yamemezela ukuthi isimsayinise inkontileka yeminyaka emihlanu. 

Lo mdlali esajabulela le mpumelelo iChelsea ivele yambolekisa kwiSwansea City ebigijima kwi-Barclays Premiership ngaleso sikhathi.

Isizini yakhe ayihambanga kahle okuholele ekutheni le kilabhu igcine igengcwe yizembe. 

Ushaye amagoli angu-8 emidlalweni engu-39 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano. 

IChelsea ikhombise ukungagculiseki yabe isiphinde imbolekisa kwi-Aston Villa ebidlala kwiChampionship. 

Ibhola lakhe kube sengathi libuyela emuva njengoba umqeqeshi weChelsea ngaleso sikhathi uMaurizio Sarri ekubeke kwacaca ukuthi ukhakhayi lwakhe aluqinile. 

Ufike kwiVilla wagila izimanga njengoba ebingelele ngokuyishayela amagoli amane emdlalweni lapho ebambane khona ngo-5-5 neNottingham Forest koweligi. 

Uzibeke emabhukwini omlando waleli qembu njengoba ebe ngumdlali wokuqala ukushaya amagoli amane emdlalweni owodwa. 

Uqokwe njengeChampionship Player of the Month ngoLwezi (November) kwazise ushaye amagoli angu-6 emidlalweni emine. 

Kuphele isizini eseshaye amagoli angu-16 emidlalweni engu-20. 

Ukudlala kwakhe ngalolu hlobo kumhehele amaqembu njengoba iWolverhampton Wanderers iphumele obala ukuthi iyamufuna. Icele ukumboleka kodwa wanqaba.

Udlale enkulu indima ekutheni iVilla inyukele kwiPremiership. 

Ngo-2019 iChelsea imbuyisile. 

Ibe isimnika inamba ehlonishwayo kule kilabhu unombolo-9. 

Le nombolo igqokwe ngabadlali abebe ngalibheki ipali kwiChelsea okungabalwa kubona uJimmy Floyd Hasselbaink, uGianluca Vialli, uFernando Torres, uMark Stein noHernan Crespo.

Selokhu enikwe leli jezi akakaphoxi njengoba engalibheki ipali.

Nokho lo mdlali uke waba sematheni njengoba iNigeria okuyizwe okudabuka kulona abazali bakhe ibifuna azoyidlalela. 

Uthe usaphithene ikhanda ngesinqumo okufanele asenze. 

Nokho ngo-2020 uyigabhile iNigeria njengoba edlale umdlalo wakhe wokuqala we-England lapho ebibhekene khona neCzech Republic.

Uthi akazisoli nakancane ngokugabha iNigeria. 

“Angizalelwanga eNigeria futhi angikaze ngihlale khona, kimina bekuzofana nento entsha ukuyodlalela iNigeria. Ngabazali bami abadabuka khona mina angikaze ngihlale khona ngakho-ke bekufanele ngikhethe ukudlalela izwe engizalelwe kulo. 

“Angizisoli nakancane ngesinqumo engisenzile,” kusho yena.

Lo mdlali uke waba sengozini embi yesithuthuthu ecishe yamkhipha umuphefumulo.

Ubeshayela isithuthuthu engenazo izincwadi zokusishayela. 

Uhlawulisiwe. Uthi uyabonga ngoba akuzange kuphele ngekusasa lakhe kule ngozi emshiye elimele kanzima.

Umlando Omfushane 

Amagama: Kevin Oghenetega Tamaraebi Bakumo-Abraham

Usuku lokuzalwa: 2 October 1997

Iminyaka yobudala: 22

Uzalelwe: ECamberwell, e-England

Ubude: 1.90m

Indawo ayidlalayo: Ungumgadli

Iqembu alidlalelayo: YiChelsea

Inombolo yejezi: 9

Amakilabhu adlale kuwo

2016: Chelsea

2016/2017: Bristol City 

2017/2018: Swansea City

2018/2019: Aston Villa

Previous articleUdidekile umdlali osephenduke inyama
Next articleAbagijimi bakhala ngesenzo sabahleli be-comrades