Azonyuswa ngo-R4.7% amaholo ezisebenzi zikahulumeni

297

INTATHELI YELANGA

AZONYUSWA ngo-4.7% amaholo esizebenzi zikahulumeni mhla ka-1 kuMbasa (April). Lokhu kuvezwe ngungqogqoshe wezeziDingo zomPhakathi nokuPhatha, uNoxolo Kiviet esitatimendeni asikhiphe namuhla ngoLwesithathu. Uthe izisebenzi ezizokhushulelwa amaholo ngezisezingeni lamaholo eliphakathi kuka-1-12, hhayi ezisezikhundleni eziphezulu. Lokhu kuchathekelwa kwezisebenzi lo 4.7%, kuyingxenye yesivumelwano sezinyanga eziwu-12 esasayinwa yizinyunyana zezisebenzi ngoNdasa (March) nyakenye.

Ungqongqoshe uthe babheke izinto eziningi ngaphambi kokuthatha lesi simo, okubalwa kuzo isimo somnotho nokubaluleka kokulawula isimo semali kahulumeni. Uthe indlela uhulumeni owenze ngayo – ekunyuseni amaholo – uqinisekise ukuthi uheha futhi ugcina isizebenzi zawo ezinamakhono futhi ezizinikele emsebenzini wazo. “Lesi sinqumo sihambisana nokuzibophezela ekuhlinzekeni ngezidingo zomphakathi ngokungenamkhawulo nokwethulela isigqoko izisebenzi ngokuzinikela nokusebenza kwazo kanzima,” esho.

Inkulumo kaNgqongqoshe Kiviet yelama ekazakwabo wezemali, uMnu Enoch Godongwana ayethule ngesikhathi ehlahlela isabelomali ngenyanga edlule. UGodongwana uthe ilinganiselwa ku-R251 billion imali ezosetshenziswa emaholweni ezisebenzi zikahulumeni. 

Previous articleAmakhosi alinde ukuhlangana ne-ANC kolukaDuma
Next articleIbhekene nemiqansa emibili iBanyana Banyana