Babalelwa ku-11 abantu abashone ngenxa yesimo sezulu KwaZulu-Natal

461

INTATHELI YELANGA

BABALELWA ku-11 abantu abadlule emhlabeni ngenxa yemvula enamandla ebihambisana nomoya, ebihlasele ezingxenyeni ezithile zeKwaZulu-Natal izolo ngoMsombuluko. Lesi simo sezulu sidale omkhulu umonakalo ikakhulukazi ezifundeni okubalwa kuzo iKing Cetshwayo, yiTheku, Umzinyathi, Amajuba noMkhayakude. 

Ngokwesitatimende seHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, kulaba abashonile, abawu-7 ngabasoThongathi kanti abawu-4 ngabaseShowe, KwaHlabisa naseNquthu ngokwehlukana. Sithi babalelwa ku-55 abantu abalimele kanti bayelashwa ezibhedlala. Kubikwa ukuthi bawu-120 okuthinteke amakhaya abo, kanti zikhona izindawo zesikhashana lapho bezofihla khona amakhanda, bathole nosizo. 

Namuhla ongqongqoshe beminyango eyahlukene KwaZulu-Natal -okubalwa neHhovisi likaNdunankulu – bahambele izindawo ezikhahlamezekile ngenhloso yokuhlola umonakalo odalwe yilesi simo sezulu. 

Esitatimendeni kubikwe ukuthi izinhlangano ezingenzi nzuzo okubalwa kuzo iGift Of The Givers, iRed Cross ne-Al-Imdaad Foundation bayasebenzisana nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi abakhahlamezekile bathoka ukudla, izingubo zokulala nokunye. 

Previous articleUNyazi lugixabezwe ngodedangendlale womhlaba eSwazini
Next articleUnikwe ibheyili kwelenkohlakalo wesula kwesokuba ngungqongqoshe