NONHLAKANIPHO SHINGA
BAKHALA ngendlala abashayeli bamabhasi iZululand Bus Services, okuyinkampani egxile enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, lapho ithutha khona imiphakathi eyahlukene.
Laba bashayeli batshele ILANGA ukuthi kabazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani njengoba sekuphele amasonto amathathu bengaholi selokhu kuvalwe izwe emasontweni amane adlule.
Omunye wabashayeli othi usesebenze kule nkampani kusukela ngo-2016, uthi kubhoke indlala kwakhe njengoba engakwazi ukuthengela umndeni wakhe okuya ngasethunjini.
UMnu Manzamancane Andrias Nkosi ongomunye wabashayeli, uthi selokhu bamiswa, umqashi wabo ulokhu ebabambisa udonga ethi imali izongena kodwa kabakaze bathole lutho.
“Ngesikhathi sibuyisela amabhasi e-depo lapho ehlala khona, satshelwa ukuthi imali yethu sizoyithola kodwa kuze kube yimanje lutho, sekuphele amasonto amathathu,” kusho uMnu Nkosi.
Le nkulumo yenanelwe nanguMnu Steady Mthethwa, othe: “Silindile ukuba umqashi asitshele ukuthi iyiphi indlela esingenza ngayo ukuze nathi sisizakale ngoba ikati lilele eziko futhi kasazi ukuthi kulezi zimali zezibonelelo uhulumeni akhuluma ngazo siyangena yini thina lapho.”
Umnikazi wale nkampani uMnu Mduduzi Sithole, uvumile ukuthi kabakaze bahole abashayeli amasonto amathathu. Uthi bazohola ngasekuqaleni kwesonto elizayo.
“Inkinga wukuthi nathi sizobe sibaholela ngesibonelelo sikahulumeni. Enye imali sizoyithola ngokufaka isicelo kwi-UIF. Konke lokhu kuthatha isikhathi,” kusho uMnu Sithole. Ucele ukuba babekezele ka-ncane.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha Kwa-Zulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthe imali yezibonelelo kayikangeni, kepha izongena ekupheleni kwenyanga kwazise nabezokuthutha kabasebenzi kulezi zinsuku.
“Kunephesenti elithile esizobanika lona ngoba lesi simo kasidalwanga yibo, bese enye imali bayinikwe yi-UIF,” kusho uMnu Ncalane.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za