Ilanga News
Home 9 Featured 9 Babanjelwe izitatimende zika-matric abakweleta imali yesikole

Babanjelwe izitatimende zika-matric abakweleta imali yesikole

by | 22 January 2025

BAPHITHENE amakhanda abazali babafundi baseMabayane Secondary School, eNdwedwe, ngokunqwaha kwesikole nezitatimende zemiphumela yezingane zabo ebekade zifunda umatikuletsheni.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa kunabafundi abangakaze banikezwe izitatimende zabo kulesi sikole, ngenxa yokuthi bakweleta imali yemigonqo (camp) ebeyenziwa nyanyeke esikoleni, beqeqeshelwa ukubhekana nezivivinyo zokuhlolwa kwabo.

Omunye wabazali uthi izingane zikweleta isikole imali engango-R900, iyinye. Utshele leli phephandaba ukuthi ubeyinikezile ingane yakhe le mali nyakenye, yayidla.

“Bengingazi ukuthi le mali ayifikanga esikoleni. Izingane zidudanile, zayidla imali. Kubuhlungu-ke kodwa uma isikole sesingasafuni nemiphumela yabantwana. Sizoyithathaphi imali enkulu kangaka ngalesi sikhathi sonyaka,” kusho umzali.

Uthi uzamile ukuxoxisana nesikole ngokuthi kwenziwe izinhlelo zokuthi bazoyikhokha le mali ngokuhamba konyaka, kodwa wangakuvuma lokho uthishanhloko.

“Besivele singanelisekile ngokukhokhiswa kwemali nyakenye ngoba ukuhlala ngaphakathi kwabantwana esikoleni bekade kuyinto yesikhashana, futhi belala emakilasini kahulumeni. Ukudla uhulumeni uyabahlinzeka abantwana ezikoleni. Le mali engaka ebesifunwa yona, besinganelisekile ngayo kodwa sathula ngoba uthishanhloko ubesewukhiphile umthetho,” esho.

Kubikwa ukuthi balinganiselwa eshumini sebebonke abafundi ababhekene nale nkinga. Omunye wabazali naye uthe akanayo imali.

“Ingane yami kufanele ibheke ikolishi ezofunda kuyona. Izoya kanjani amakolishi ingenayo imiphumela esandleni? Bayasihlukumeza kodwa abaphathi besikole. Asiphikisani nokukhokha imali, okwamanje yisimo somnotho ezingamile kahle,” kusho umzali.

Imizamo yokuthola isigungu sabazali bakulesi sikole ayiphumelelanga. oKhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthi bazosebenzisana nezisebenzi zomnyango ehhovisi lesifunda ukuxazulula lolu daba.

“Sizophenya ngalezi zinsolo. Akuvumelekile ukubanjwa kwemiphumela yomntwana esikoleni sikahulumeni, noma ngabe ukweleta imali yesikole, eyezincwadi nokunye. Umthetho obekiwe emnyangweni wezemfundo, uthi isikweletu siphakathi kwesikole nomzali. Akukho okuthinta umntwana ngemiphumela yakhe,” kusho uMahlambi.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...