Babanjiswe wucingo abasolwangokubulala uthishanhloko

441

PHUMLANI GAMA
BABANJISWE wumakhalekhukhwini ababulali okuthiwa badubule babulala uthishanhloko wesikole iNkosi Bhekintinta High School, eSovana, KwaNongoma. Kubikwa ukuthi ababulali abathathu abaphakathi kweminyaka ewu-15 no-28, bebecele ukugitsheliswa emotweni kamufi uMnu Alphious Ntuli (61), isidumbu sakhe esitholwe ngamalungu omphakathi silaxazwe ngaphansi kwebhuloho elisemgwaqweni oya eMkhuze. Amaphoyisa asebophe abathathu abasolwa ngokubulala. Kubikwa ukuthi umufi ubegcine ukubonakala ephuma esikoleni ngoMqibelo. Kusolwa ukuthi wehlelwe yilo mshophi elibangise oBonjeni.


Kuthiwa ugibelise abasolwa endleleni, okusolakala ukuthi kuthe besasendleleni, bamjikela, bamphoqa ngenkani ukuba aphume emotweni. Kubikwa ukuthi isidumbu sakhe sitholwe sinenxeba lokudutshulwa nezimpawu zokuklinywa entanyeni. Kusukela ngosuku lwangoMgqibelo, kube nokukhathazeka ezihlotsheni nabangani bakamufi ngoba engatholakali komakhalekhukhwini bakhe. Ngosuku lwangeSonto kubikelwe amaphoyisa. Abe esephuma umkhankaso wokubheka ezindaweni ezahlukene. Kusabalale imibiko kunxuswa amalungu omphakathi ukuba awuhlabe awulawule kulandela isigameko sokutholakala kwesidumbu sowesilisa ngaphansi kwebhuloho.


UMnu Bhekizizwe Zulu onguSihlalo wesigungu esilawula isikole, uthe: “Amaphoyisa ahlangane nemoto kathishanhloko. Kulula ukuyibona ngoba ibhalwe igama lakhe esikhaleni sezinombolo zayo. “Abasolwa ngokubulala babaleke ngayo bayishiya ehlathini maqede bangena kwenye imoto. Kube lula ukubabamba njengoba bekhohlwe wumakhalekhukhwini womunye wabo emotweni kathishanhloko. “Silimele kakhulu ngokwehlele uMnu Ntuli. Sekuphele iminyaka eminingi siphila naye lapha KwaNongoma futhi usekhiqize abantu abaningi abawutho lapha. “Nami nje, wangifundisa esafika kusona lesi sikole njengoba sengiphathe isikhundla sokuba ngusihlalo we-SGB iminyaka engaphezulu kweshumi.


“Ngigcine ukukhuluma naye kumakhalekhukhwini engibikela ukuthi usededelwe esibhedlela abelaliswe kusona kusukela ngoLwesine ngemuva kokuba avukwa wukugula. “Ubenikwe izinsuku zokuyophumula ekhaya ngodokotela. Ngimangele sengithola umbiko wokuthi kutholakale isidumbu sakhe nemoto yakhe ibanjwe ihamba abafanyana. “Sizwelana kakhulu nomndeni nezihlobo zakhe,” kusho uMnu Zulu. ILANGA lihambele kubo KwaHlabisa, lakhuluma noNkz Thulisile Ntuli, othe akukho okuningi abazokuphawula ngaphandle kokuthi baqinisekise ukuthi umfowabo ushonile futhi ubulewe. “Umfowethu ubulewe. Nathi silinde uphenyo lwamaphoyisa okuyilona oluzocacisa ukuthi ubulawe ngubani.


“Akukho okuningi esizokuphawula ngoba sisezinhlungwini njengoba sishonelwe yilungu lethu,” kusho uNkz Ntuli. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwa-Nongoma abophe abasolwa abathathu (ono-15, (ono-19 no-28) ngezinsolo zokubulala nokuduna imoto yowesilisa oneminyaka ewu-61 endaweni yaseBhanganomo. Uthe abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yakwaNongoma ngoLwesithathu. phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleIBUYISE ITHEMBA ICHIEFS INQOBA OWELIGI
Next articleLIQALILE UKUQULWA ELOKUBULAWA KUKASINDISO MAGAQA