Babhekene nenselelo enzima abangcwabi

908

Ukwenyuka kwezibalo zabashonayo kubafakela ingcindezi

NONHLAKANIPHO SHINGA

ngUNkz Nomfundo Mcoyi, we-Icebolethu Funerals,

BAKHALA ngengcindezi engaphezu kwamandla abangcwabi njengoba zilokhu zikhuphukile izibalo zabantu ababulawa yiCovid-19, okwenza nesibalo sezidumbu sande kanti nemicikilisho ehambisana nokufihlwa kwabafe ngenxa yalesi sifo idala ezayo izinkinga. 

ILANGA likhulume nabangcwabi abahlukene abathi phakathi kwezingqinamba ababhekana nazo wukuthi amalungu emindeni yabafi kawaqondi ukuthi isimo umhlaba obhekene naso njengamanje sinzima futhi lesi sizukulwane siyaqala ukubhekana naso. 

UNkz Nomfundo Mcoyi, we-Icebolethu Funerals, uthe sinzima kakhulu lesi sikhathi njengoba ethi enkampanini yakhe kuyenzeka balande izidumbu ezingaphezulu kuka-30 ngobusuku obubodwa. Uthi kuyenzeka ngesonto bangcwabe izidumbu eziphakathi kuka-350 no-400. 

“Ngesonto eledlule nje lilodwa, singcwabe abantu abawu-600 futhi kubonakala sengathi izibalo zizolokhu zikhuphukile uma abantu bakithi bengafuni ukulandela imiyalelo kahulumeni ebekiwe ukuze bavikeleke. 

“Kubalulekile ukuthi abantu baqonde ukuthi sibhekene nempi enzima kangakanani, ake bathi ukuma ngemicimbi nemingcwabo edonsa isikhathi eside. Kumele umngcwabo ubengamahora amabili, nakhona kumele kubengamalungu omndeni kuphela,” esho. 

Uthi okunye abakubonayo wukuthi abantu kabayihloniphi imigomo ebekiwe, kangangokuthi kukhona abaya emingcwabeni bezazi ukuthi sebehaqekile yiCoronavirus edala iCovid-19. 

Utshele ILANGA ukuthi cishe u-70% wabantu ababangcwabayo ngabasuke beshone ngezimo ezihlobene neCovid-19. Ingqinamba enkulu athi babhekana nayo wubunzima bokuthola izitifiketi zokufa emahhovisi omnyango wezasekhaya njengoba kuthi uma kukhona onaleli gciwane kuwona, kuvele kuvalwe usuku lonke. 

“Lokhu kwenza kubenzima-ke ukuthi singcwabe, okwenza izidumbu zigcine zinqwabelana kulindwe lezi zitifiketi. Enye ingqinamba kuba wukungakwazi ukuthola izidumbu ngesikhathi ezibhedlela ngoba nakhona kunezimo ezenza kungasebenzeki kahle,” esho. 

UMnu Muzi Mkhize weKhayelihle Funeral Services, uthe njengamanje ingqinamba enkulu ababhekana nayo wukushoda kwemigodi yokungcwaba. “Ngesonto eledlule nje, ihhovisi loMnyango wezaseKhaya eMgungundlovu, like lavalwa okwenza kubenzima ukusebenza. 

“Ngokomthetho akumele kuphele izinsuku eziwu-5 isidumbu somuntu oshone ngeCovid-19 singafihliwe, kodwa kubuye kube nezimo ezithile ezenza ukuba singakwazi ukungcwaba ngesikhathi,” esho. 

Uthi njengamanje ubona abantu bekwazi ukuqonda ukuthi isidumbu somuntu oneCovid-19 akumele sivulwe futhi ubengakaze ahlangane nabafuna ukusivula ngenkani. 

UMnu Thembinkosi Ngcobo oyinhloko emnyangweni wezamapaki nokungcebeleka kuMasipala we-Theku obalwa nomasipala elihlasele ngamandla kubona igciwane uthe kuliqiniso ukuthi lo masipala unayo inkinga yokuphela kwezindawo zokungcwaba kodwa benza konke okusemandleni ukuthi kube nenye indawo ezokwenezela. 

“Kuliqiniso ukuthi bekunezingqinamba emnyangweni wezasekhaya kodwa manje sekunesivumelwano sokuthi bavale ngo-20h00 ukuze abadinga izitifiketi zokufa bazithole ngesikhathi. 

“Nalapho kushiswa khona izidumbu sesenze isivumelwano sokuthi kungasheshe kuvalwe ukuze kungagcini sekuba nabantu abaningi abalindile, ” kusho uMnu Ngcobo. 

Uqhube wathi njengomasipala sebehlele ukuthi uma amathuna abo egcwala, basebenzise akuLoon Road, khona eThekwini, abathole ukuthi asengakwazi ukungcwaba abantu abalinganiselwa ku-5 000. 

“Okunye esesikuqaphelile manje wukuthi umngcwabo usuzala omunye ngoba abantu kabayilandeli imigomo ebekwe wuhulumeni uma besemingcwabeni. Kuyaye kuthiwe abantu mabangalifaki endlini ibhokisi lomuntu oshone ngalesi sifo, kodwa abaningi bayakwenza,” kusho uMnu Ngcobo.

IMIGOMO KOSHONE NGE-COVID-19

Ngokolwazi olukhishwe wuMnyango wezeMpilo kwi-website yawo, uncoma ukuthi isidumbu somuntu oshone ngenxa yeCovid-19 singcwatshwe ezinsukwini ezintathu eshonile.

• Kakumele babe ngaphezulu kuka-50 abantu abazohambela inkonzo yomngcwabo;

• Uma indlela ikhona, kumele inkonzo ikhonjiswe bukhoma ezinkundleni zokuxhumana ukuze labo abaneminyaka engaphezulu kuka-55 nabanezifo ezithile ezingabadalela izinkinga, bakwazi ukuwubuka umngcwabo walowo ofihlwayo;

• Inkonzo kumele ibengaphansi kwemizuzu ewu-30 (yize-ke noma kuvumelekile ukuthi ingathatha okungenani amahora amabili kodwa ingeqi);

• Kakuvumelekile ukuthi kubenezixuku ngemuva komngcwabo;

• Ukuhlanzwa nokugqokiswa kwesidumbu kumele kwenziwe ngabantu basemakhazeni abakwazi ukukwenza lokhu ngendlela ephephile;

• Isidumbu kumele sigcinwe emakhazeni kuze kube sifika ngelanga lomngcwabo;

• Abantu abagulayo kabavumelekile ukuya emngcwabeni kanti kumele kuhlale kugqokwe izimfonyo ngaso sonke isikhathi;

• Kumele kube nebhuku okubhaliswe kulona abebehambele umngcwabo ukuze balandeleleke uma kuvela ukuthi kukhona osethelelekile.

• Kumele bahlale ngokuqhelelana abahambele umngcwabo.    

•Bheka olunye udaba ekhasini 5

Previous articleKusolwa lumbago wezidakamizwa kubulawa izithandani nomakhelwane
Next articleUvula ngekusasa lemidlalo yePSL