Babhikishele isikole esinogesi oshokha abafundi

158

MTHOBISI SITHOLE

BANGENE nezingane zabo emgwaqweni ngoLwesine abazali babafundi baseMatabetulu Primary School, eNanda, eThekwini bebhikishela isimo esibi sesikole okuthiwa kufundela kusona abantwana babo. 

Abazali bebekhala ngokuthi kusaphephile ukufunda kwezingane zabo kulesi sikole. Kwenzeka lokhu nje, kusukela ngoMsombuluko bekungafundwa kulesi sikole. 

Abazali batshele leli phephandaba ukuthi osekubasukumisa manje wukuthi omahamba-nendlwana okufundelwa kubona, nabo sebeyingozi. 

Omunye wabazali ongathandanga ukudalulwa, uthe kunenkinga enkulu yokuthi ugesi oxhunywe emagunjini okufundela, ushokha abafundi. Uthe sekungenzeka noma yini embi ngenxa yesimo sesikole.

“Abahloli sebedlale ngathi, kabayicabangeli impilo yezingane zethu. Sesinqume ukuthi kuzoma ukufunda, silinde abezemfundo basicacisele ukuthi bazimisele ngokuthi kwenzekeni ngalesi sikole,” kusho umzali.

Utshele leli phephandaba ukuthi bathenjiswa ukwakhelwa isikole kusukela ngo-2014, kodwa lutho. 

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uNkk Zinhle Mlungwana, uthe kawukho umnikelo owenziwe ngabezemfundo selokhu kwaba khona lesi sikole. Uthe amagumbi asetshenziswayo okwamanje, ayenikelwe yibandla lamaNazaretha eminyakeni edlule. 

Uthe akusafundeki emakilasini angomahamba-nendlwana ngoba kawasekho esimweni esigculisayo. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bazolubheka udaba lwalesi sikole.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleIzingqwele zikamaskandi neqembu elisha
Next articleOwaseNdlunkulu kaZulu uphumela obala ngamfisela esikandunankulu