Babone unya emamatheka enkantolo

198

SKHOSIPHI MTHEMBU

“SISAZIBUZA siyaziphendula namanje ukuthi yini lena eyadala ukuthi umakhelwane abulale umyeni wakhe ngesihluku esingaka, ngoba sasibabona njengabantu ababethandana futhi bengahlukani,” lisho kanje ilungu lomphakathi waKwaS, eMlazi ngesikhathi liseNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesibili kuvela inkosikazi yephoyisa. 

Izihlobo nomakhelwane bakaCapt Thomas Ntombela owabulawa, bakhale “ngonya” olukhonjiswe ngumkakhe, uNkk Faith Ntombela ngesikhathi ingena enkantolo imamatheka, ingazi nanyaka. 

UNkk Ntombela uyisikhulu kuyona le nkantolo, ubevele kuyo ngoLwesibili, ngecala lokubulala umyeni wakhe, owadutshulwa ngoNhlaba (May) nonyaka esemzini wabo kwaS. 

Inkabi, uMandlenkosi “Mzo” Ntombela -okumanje idonsa isigwebo seminyaka ewu-20 ngemuva kokuvuma icala lokubulala uCapt Ntombela – yaveza ukuthi yayiqashwe nguNkk Ntombela ukuba imbulale. 

NgoLwesibili inkantolo ibi-gcwele ichichima, omakhelwane nezihlobo abebefuna ukuzozibo-nela mathupha uNkk Ntombela, oshaqwe ngoKlebe ngeSonto. 

Amalungu omphakathi abeyokweseka umndeni wakwaNtombela, nawo umndeni uqobo, bebephethe izinqwembe, becula ngaphandle kwenkantolo ingoma enezinhlamvu ezithi: “Wena wawutshelwa ngubani ukuthi indoda iyabulawa”. 

Ngesikhathi efika enkantolo uNkk Ntombela, ubungafunga ukuthi kungena isikhulu esithile, ubegadwe yinqwaba yamaphoyisa oKlebe nophiko lweTRT, oludume ngokuthi ngamabharethi. 

Wehle emotweni emoyizela, eboshwe izandla nezinyawo, eqhutshwa ngamaphoyisa. Ubehamba ebingelela ozakwabo, ebatshela ukuthi mabasondele kuye beyothatha izithombe naye. 

Nangaphakathi enkantolo ubonakale ekhululekile, engakhombisi ukwethuka njengoba ubexoxa nabezindaba, ebatshela ukuthi mabangabangisani ngokumthatha izithombe, mabadedelane, bamshuthe kahle bonke. Lokhu kubonakale kuwanenga amalungu omndeni nawomphakathi njengoba lokhu ekufanise nokungazisoli.

Ilungu lomphakathi ebelisondelene noNkk Ntombela noCapt Ntombela, elalikhona ehleli emakhandleleni, lithi badumele futhi bazizwa benamahloni ngokuhlalisa umuntu onolwazi ngokubulawa kwendoda yakhe. 

“Namanje kangikholwa ukuthi lo muntu ngangimhlalisile ngesikhathi kulungiselelwa umngcwabo. Kukhona kodwa okwakusolisa ngaye ngoba indlela ayekhala ngayo, kwakungakhombisi ukuthi ushonelwe. Indlela abebethandana ngayo, yiyona eyenza simangale ukuthi yini lena emenze wakhetha ukubulala umyeni wakhe,” kusho leli lungu. 

Umshushisi, uMnu Khulekani Mzotho, ucele ukuba icala lihlehliselwe umhla ka-5 kuMandulo (September), lapho umsolwa ezofaka khona isicelo sebheyili. 

Umshushisi uzwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kofakazi, wathi yisona sizathu esenza baphikisane nebheyili. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleAyaqina amathemba ngokubuyela kuka-shenge ekhaya
Next articleUmndeni usuthembe amathongo “ukugweba inkosikazi”