Babonga ILANGA kutholakala obenyamalele

793

Kusize ilungu lomphakathi elibone udaba kuleli phephandaba

UGCINE etholakele uMnu Thembinkosi Ndlovu obesekuphele amasonto amabili engaziwa.

SKHOSIPHI MTHEMBU
UTHOLAKALE elahlwe ehlathini esephanjanelwe nayingqondo owesilisa waseGlencoe obesekuphele amasonto amabili engaziwa, emuva kokuba kwavela ukuthi wathathwa ngumuntu owathi uyisihlobo sakhe ephuma esibhedlela. Kuthe gidi, emndenini wakwa Ndlovu emuva kokutholakala kukaMnu Thembinkosi Ndlovu ndawana thile eNewcastle, elele ehlathini emuva kokuba wayengene esibhedlela kade ehlaselwe ngamadodana kamasitende, ethi ahlasela ubizo wakhe owayekade eshaya isinqandamathe sakhe.


Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA ngoMsombuluko libike kabanzi ngokuhlaselwa kukaMnu Ndlovu. Kubikwe ukuthi uMnu Ndlovu wangeniswa esibhedlela eMadadeni elimele kanzima emuva kokugencwa ekhanda ngabesilisa ababemphambanisa nomunye ngenxa yokufana kwamagama abo. Emuva kwalolu daba, uMnu Ndlovu kuthiwa utholwe ngabantu thizeni, abebezihambela. UMnu Minenhle Mncwango okunguyena othole uMnu Ndlovu, uthi ubezihambela nesihlobo sakhe, wambona ehleli nomunye umuntu wasendaweni obedoba.


“Ngiye kubona ngoba ubehleli nomuntu engimaziyo. Okwenze ngaqaphela ukuthi khona okungahambi kahle, wukuthi ngesikhathi enikezwa ugwayi yilona abehleli naye, uhlulekile wukuwubamba, kwangathi uphelelwa ngamandla. “Ngibuzile kulona abehleli naye ukuthi bayazana yini. Uthe besekuwusuku lwesithathu emufica emfuleni, ehleli yedwa khona. Sithinte amaphoyisa asitshela ukuthi akukho angakwenza, masishayele i-ambulensi kube yiyo ezomthatha. “Sizamile ukuyishayela kodwa bangalubamba ucingo. Ngibhale kwenye i-group (yeFacebook) yalapha eNewcastle, ngicela ukuthi uma kukhona owaziyo ngoThembinkosi Ndlovu maka ngithinte.


“Kukhona ophendulile wathi uke wabona udaba ephepheni ILANGA nakwenye i-group ekuFacebook umndeni ucela ukufuniswa uThembinkosi Ndlovu,” kusho uMnu Mncwango. Uthi lowo muntu uthathe inombolo yakhe wamxhumanisa nomndeni kaMnu Ndlovu, wamlanda. UMnu Mthokozisi Buthelezi ongumshana kaMu Ndlovu, ukuqinisekisile ukuthi bamtholile uninalume. Uphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yesimo abekusona. “Indlela abekhuluma ngayo, bekubonakala ukuthi nomqondo ubuye uhambe. Sibonga kakhulu ephepheni ILANGA ngokusifunisa umalume, sibonga nalabo abebebhala udaba lwakhe ezinkundleni zokuxhumana,” kusho yena.

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUKHULUNYELWE NGAMAGALELO OYOTAKULA EMKHANYAKUDE
Next articleIboshiwe indoda enukubeze yabulala umshana (12)