Babonga uShenge ngokusindisa iNgwavuma

673

PHUMLANI GAMA

SIKHULU isililo kwizakhamizi zezizwe ezintathu ezakhele iNgwavuma ngokuhamba emhlabeni kweNkosi Mango-suthu Buthelezi ebingundunankulu kaZulu futhi ingumsunguli we-IFP. 

Amalungu omphakathi akhala ngokuthi uMntwana waKwaPhindangene useze wahamba emhlabeni ekubeni besekuphele iminyaka eminingi engalubhadi kule ndawo ayilwela ukuba ingaweli esandleni sikahulumeni waseSwazini. 

Kuvela ukuthi ngo-1982, kwase kufakwe ngisho amafulegi anophawu lwaseSwazini, kwadilizwa awakuleli, ngoba kuthiwa le ndawo isinikelwe ngokusemthethweni kuhulumeni wakuleli yalizwe. 

INgwavuma yakhelwe ngamakhosi ezizwe ezintathu; okungesakwaNyawo, esakwaMngomezulu nesakwaMathenjwa. Ngaleyo minyaka amakhosi ayebusa izizwe zawo ngokungenamkhawulo njengoba womathathu awalezi zizwe enezindawo ezingaphakathi eSwazini. 

Kunezinsolo zokuthi kunabathile abanikezelana ngeNgwavuma ngoba bethi kayingeni ngaphansi kweNingizimu Afrika. 

UMnu Homeboy Nyawo oyisakhamuzi esidala eSihlangwini, ekhuluma naleli phe-phandaba, uthe: “Sibadala singaka nje, sasingeke siyinqobe impi yamaSwazi. 

“Iningi lethu thina zakhamizi zesiZwe sakwaNyawo, sasesikwamukele ukuba nga-phansi kukahulumeni waseSwazini. Kwaba nomhlangano owodwa nje, kwafika uMntwana waKwaPhindangene, wama kwelokuthi leli zwe ngelaKwaZulu. 

“Sakwemukela lokho, ngoba sasingazi lutho futhi sasingafundile. Lihle kakhulu igalelo loMntwana waKwaPhindangene,” kusho uMnu Nyawo. 

UNkz Sayinile Mngomezulu, uthe babonga imali yempesheni. 

“Phambilini bekuyaye kuthi uma kufika imoto yomholo, izoholela esikhungweni, siphakame siyibonge. Sasibiza zonke izithakazelo zakwaButhelezi, ngoba sikuqonda kahle ukuthi ukube akalwanga ngabe sibizwa ngamaSwazi,” esho. 

ILANGA libuye laxhumana noSolwazi Langalibalele Mathenjwa – owuzalo lwendlunkulu yesizwe sakwaMathenjwa – ulandise ngokuthi wasebenza njengo-mabhalane eNkantolo yeMantshi yaseNgwavuma ngesikhathi kwenzeka lolu daba. 

“Kwasuka izibhelu. Yaphuma yabaleka imantshi eyayikhona ngaleso sikhathi, kwa-dilizwa amafulegi aseSwazini. Umhlangano wokugcina wawusesikoleni eMagugu. 

“Walunqoba uMntwana waKwaPhindangene lolo daba. Okwalandela lapho kwaba wukuthi uMntwana asebenzise amandla ayenawo, wakha isigodlo saseNdlunkulu esiseMachobeni, kuyona le ndawo. Kwabuye kwalungiswa idlinza leSilo uDingane. Kangazi ukuthi hlobo luni lomuntu ongaphika amagalelo kaButhelezi,” kusho uSolwazi Mathenjwa.

Previous articleKuminyene utshumo oNdini
Next articleSesilahle ithemba isaguga esathenjiswa umxhaso ngo-2010