Owayeyimeya yaseMvoti ubethula iqembu lakhe i-Abantu Botho Congress
THANDEKA NGOBESE
UCHOME iNkosi Mangosuthu Buthelezi uphaphe lwegwalagwala ngokuvikela umhlaba weSilo ngesikhathi ethula iqembu lakhe lezepolitiki, usomabhizinisi waseMvoti, uMnu Philani Mavundla, oke waba yimeya yaseMvoti, okungakapholi maseko eshiye iNFP abesanda kuyiqoma.
Ethula i-Abantu Botho Congress (ABC), eMount Edgecombe Conference Centre, eThekwini, izolo ngoLwesithathu, uMnu Mavundla uthe iNkosi Buthelezi yenze umsebenzi oncomekayo, yavikela umhlaba weSilo ngokwenza iNgonyama Trust, okuyiyona ebhekelele umhlaba esizweni samaZulu.
“Kokunye singangavumelana nomntwana
(waKwaPhindangene – iNkosi Buthelezi), kodwa kulolu daba lomhlaba wenza umsebenzi oncomekayo.
Empeleni kufanele ngabe simnika indondo ngalokhu ngoba ukuba akazange asukume avikele umhlaba, ngabe nalo okhona kade wathathwa kithina, “ kusho uMnu Mavundla.
Echaza ngokusungula leli qembu elisha, uthe yingoba bebone kunesidingo sokuba
abantu baseNingizimu Afrika bakhelwe indawo eyikhaya kubo, ezosebenza ngeqiniso, ibeke abantu phambili.
“Emaqenjini amaningi, laba abasuke besemandleni bazibhekelela bona, abantu basale ngaphandle, bangayitholi intuthuko, izithembiso abathenjiswe zona zingafezwa, baze badikibale. Izibalo zithi bawu-18 million abantu abangavotanga okhethweni lwango-2019, esifuna babuyelwe yithemba sebethole ikhaya elisha,” kusho uMnu Mavundla.
Uthi leli qembu eselibhalise ngokusemthethweni, lizongenela ukhetho lomasipala oluzoba ngo-2021. Uthi ngaphambi kwalokho, bazodla u-ward 7 waseMvoti okhethweni lokuchibiyela ngoMbasa (April). Isikhala kuleli wadi sivulwe wukuthi wesulile kwiNFP kwazise nguyena obeyikhansela. Uthi i-ABC ingeyabantu futhi bafuna ukwenza umehluko empilweni yabo ikakhulukazi emfundweni.
“Izinga lemfundo lehle kakhulu, kudlalwa ngabantu kuthiwa
izingane ziphase ngo-81% kodwa kube kushiwo abantu abangazi lutho. Uma siqhubeka kanje eminyakeni ezayo, leli lizwe lizoba
lingenabo abantu abanamakhono njengoba kwakhiwa amaqaba ayizifundiswa.
“Ngikhuluma nje kuleli lizwe sinenqwaba yabantu abalandwa kwamanye amazwe kuthiwa
banamakhono esingenawo ngoba thina abantu esibakhiqaizayo bawuvucu. Izingane ezithole 0-30% namhlanje kuthiwa ziphasile,
“Othisha abafundisa lezi zingane kabanikezwa izinsizakufunda, imfundo iyafa iyaphela,” kusho uMnu Mavundla.
Uthi emuva kokhetho lokuchibiyela eMvoti, i-ABC izoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi obuzokhethwa ngabantu, hhayi ngokobungani njengakwamanye amaqembu.
Uthi yonke into kwi-ABC izokwenziwa ngemali evela emaphaketheni eqembu, uma kufanele kudayiswe izinkomo bazozidayisa, uma bafanele balale bengadlile bazokwenza lokho ukuze kukhululwe abantu ebugqileni.