BACELA UKUFUNISWA INDODANA ENYAMALELE

361

THANDI ZONDI
USUQOTHUKE amaphakethe umndeni wakwa- Ngcobo eMzinyathi, eThekwini, uhamba abantu besintu uzama ukuthola umkhondo wendodana yawo eyanyamalala ngoMasingana (January) wonyaka odlule. UMnu Bhekinkosi Ngcobo uthi umuntu usengathenga imoto ngemali aseyikhiphile ezama ukuthola okungenani ithambo lendodana yakhe uMondli (osesithombeni), eyaphuma kubo ibaleka ithi kukhona abafuna ukuyidubula. “Ubuthongo kabusehli, ngisho nasekhaya kumuncu. Waphuma endlini wabaleka ethi kukhona abafuna ukumdubula, wabuya ezintatha ngakusasa, amaphoyisa athi amthole engagqokile.

Wadukela emzini womculi, uBabo Ngcobo, ngenhlanhla waba nobuntu wamnika okokugqoka. Kwabanguye futhi ofonela amaphoyisa,” esho. Uthi ngaphambi kwalokho, indodana yakhe ibingakaze ikhombise izimpawu zokuphanjanelwa yikhanda, kepha beyingumuntu othanda ukuhlala yodwa, ibe matasa nomakhalekhukhwini. UMnu Ngcobo uveze ukuthi ngosuku eyafika ngalo kubo indodana namaphoyisa, amyalela ukuba ayibophe ngentambo ukuze ingabaleki, kepha yona yacela ukuba ingaboshwa. “Yathi kungcono ihambe namaphoyisa ayoyivalela ngiyilande ngakusasa.


Nebala ngenza kanjalo, kodwa kuthe uma ngifika esiteshini saseMtshebheni, amaphoyisa engawafica ekuseni athi kawakaze ezwe lutho ngendodana yami. Owayekhona esitokisini ehleli nayo, wasitshela ukuthi ihambile, ibilokhu ikhuluma yodwa, kwaba wukunyamalala kwayo kusukela ngalolo suku,” kuqhuba uMnu Ngcobo. Uthi wabe esevula idokodo lokunyamalala komuntu. Kwahamba isikhathi umseshi ophethe udabawamfonela ukuba bayobheka emakhazeni kahulumeni, ePhoenix. “Ngafike ngabheka ngababona ababekhona, kodwa indodana yami yayingekho.

Sagcina sesinamathisela izithombe zayo yonke indawo ukuze sithole umkhondo, kodwa lutho,” kusho yena. Uthi indodana yakhe kwathiwa ibonakele KwaMashu. Baya lapho kodwa lutho ukuyithola. “Sicela abayifanisayo basitshele, ukuze sikwazi ukuthola ukuthula siwumndeni,” esho. Ongaba nomkhondo angathinta inombolo ethi: 076 571 0170, 078 ,2975 969 noma ethi: 074 9583 636

Previous articleUnqunywe umlomo umqeqeshi weDowns
Next articleKuphume izidumbu ‘kubangwa i-TV’