PHUMLANI GAMA
USAZOQHUBEKA nokuhola i-ABC uMnu Philani Mavundla (osesithombeni) ongumengameli waleli qembu emuva
kokuvunwa yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ethe udaba lokuxoshwa kwakhe kaluphuthumi.
UMavundla ufake amaphepha aphikisana nokuxoshwa kwakhe emuva kokuba uhlangothi oluholwa nguMnu Bhungu Gwala, ongusihlalo we-ABC, lumthumelele incwadi emazisa ngokunqanyulwa kobulungu bakhe. Usolwa ngokuthi kunezinto angazihambisi kahle nokungayihloniphi imithetho yeqembu.
Okhulumela uhlangothi oluholwa nguGwala, uMnu Sabelo Sithole, uthe ngesikhathi libunjwa leli qembu, kwakunomgomo wokuthi wonke amalungu alo angamakhansela kufanele afake uhhafu wamaholo awo esikhwameni seqembu, kodwa uMavundla ubengakwenzi lokho. “Izinkinga zaqalwa nguyena uMavundla ngokuxosha amakhansela amabili amele iqembu kuMasipala waseNquthu, ewasola ngokungayikhokhi le mali. Lokho kwaholela ekutheni kubhekwe ukuthi yena uyayikhokha yini, kwatholakala ukuthi akayikhokhi,” kusho uSithole.
Ethintwa uMavundla uthe, akasathandi ukukhuluma ngalolu daba ngoba lufana nento engekho. Uthe laba abatshele izwe ukuthi sebemxoshile eqenjini, badlala ngesikhathi ngoba yena akayi ndawo.