Badele ubuthongo belinde uGatsheni angene esiteji

301

LUCKY CAIN

BABEKEZELE kwaze kwasa belinde uGatsheni emcimbini Indumezulu kaMaskandi eNewcastle izolo ebsuku. Lo mculi osezakhele udumo ngoxhaxha lwamanoni ungene entathakusa abantu belindile bethi abayi ndawo. Izimbangi ezimbili uKhuzani noMthandeni banandise ngaphambi kokuba angene lo mculi. Ngemumva kokucula kukaKhuzani abantu baqhinqile cishe isikhathi esingaphezulu kwehora kungadlali muntu, bethi ngeke bahambe engangenile uGatsheni. Lo mculi ungene kwezwakala wabe esenxenxa abantu ukuba bamuvotele emcintiswaneni we-Quantam.

Lo mcimbi obekungokokuqala wenzeka umasipala waseNewcastle uzibophezele ekutheni kusukela ngonyaka ozayo uzoba yingxenye yale Ndumezulu. Abaculi bebesina bededelana phakathi kwamaciko abekhona kubalwa, uSminoff, uNtencane, uThokozani Langa, abaculi bendawo nabanye. Omunye wabahleli balo mcimbi uNksz Judy Magwaza uthi kubathusile indlela okugcwale ngayo njengoba bebeqala ukuwenza. Ububanjelwe eFarmers Hall Ground khona edolobheni.

Previous articleUmlingisi “ushiye” Uzalo ngenxa yempatho
Next articleKugcine kumenele owodumo kwiChiefs