Kuthiwa lokhu kugula kufika ebusuku, lishiselwe umzimba
MTHOBISI SITHOLE
SIGULELA kubo eMdletsheni, eHluhluwe, eMkhanyakude isilomo sikamasikandi uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, okuthiwa uku-ngaphatheki kwakhe empilweni bekufihliwe.
Ngokuthola kweLANGA, leli ciko lamanoni okubalwa kuwona elithi “Malavisto”, “I-Xenophobia”‚ “Amagolide”, “Angifuni Lutho”, likhala ngokushiselwa wumzimba, udlikize bese libandelwa izinyawo.
Lokhu kufa okungaqondakali kuthiwa kubhoka ngezikhathi zakusihlwa. Lithintwa iGcokama, licele ukuba kukhulunywe noMnu Simphiwe Masondo elisebenzisana naye.
Leli phephandaba lizizwele ukushintsha kwendlela yokukhuluma kwalo mculi.
UMnu Masondo utshele ILANGA ukuthi kubaxakile ukugula kwalo mculi, kodwa akanazo izimpawu zeCovid-19 futhi babonane nodokotela izikhawu eziningi.
Uveze nokuthi okufike kuliqede amandla iGcokama Elisha, wukukhathala kwamalungu omzimba kanti lokhu kugula kwenza lingalali kahle nasebusuku.
“Ukugula kumvuka ebusuku, akabulali ubuthongo, uze abuthole emini. Ngolwesihlanu lolu suku kuzanywa izaba kodokotela kodwa akuzwakali ubungcono.
“Emini sihlala kube kuhle, kodwa phakathi nobusuku kuyavuka,” kusho uMnu Masondo.
Uthi lokhu kuvuka kwalokhu kugula ngezikhathi zokulala, kukhombisa ukuthi kuyizigadlo.
Utshele leliphephandaba ukuthi sekuzanyiwe ngisho nangomkhuleko kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
“UMthandeni ukholelwa kakhulu kuNkulunkulu futhi unalo ithemba lokuthi uzolulama ngoba nakubo bayakholwa kakhulu, ezinye izinto ezehlukile emkhulekweni akulula ukuzenza,” kusho uMnu Masondo.
Ngakolunye uhlangothi, ILANGA libikile emasontweni adlule ukuthi iGcokama belicelwe ngabaphathi boKhozi FM ukuba liqophe ingoma ngokubambisana noKhuzani “iNdlamlenze” Mpu-ngose elingahoshelani naye njengoba umsakazo wenza i-albhamu yokugubha iminyaka ewu-60 wasungulwa.
IGcokama liyikhahlele ngazo zombili leyo, lithi kalihambisani nokuhlanganiswa noKhuzani engomeni eyodwa.
Leli phephandaba lithole ukuthi iGcokama selivumile ukwenza ingoma eliyinikeza isiteshi ezohlanganiswa namaphimbo abanye abaculi bolunye uhlobo lomculo ngokwezivumelwano ezenziwe, hhayi ezobahlanganisa noKhuzani.
Phambilini uKhozi FM lwathi kaluyona ingxenye yokubheka ukuthi yimuphi umculi ozocula kwi-albhamu yalo, kodwa obhekelele lonke lolo uhlelo nguprojusayo uLebo M.
mthobisis@ilanganews.co.za