Badidekile kuvalwa umcimbi kuneminxa engamenyezelwe

738

LUCKY CAIN

UMETHULI wezinhlelo zezemidlalo, uRobert Marawa ephahlwe yizintokazi uPearl Thusi kwesokunxele noNomcebo Zikode 
kwesokudla. 

KUQUBUKE ukudideka ngo-Lwesibili e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini kubantu abebehambele umcimbi wezindondo wokuklomelisa amaciko aKwaZulu-Natal enze kahle emikhakheni akuyona, obizwa ngeKZN Entertainment Awards, kumenyezelwa eminye iminxa umcimbi usuphelile. 

Isilomo sikamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose noRobert “Madluphuthu” Marawa ongumethuli wezinhlelo zemidlalo kumabonakude, babonakale bemangele emuva kokuba abaphathi bohlelo, uSomizi Mhlongo noPearl Thusi bevalelisa yize imikhakha abebeqokwe kuyo ingakamenyezelwa. 

Lokhu kudale isidididi izicukuthwane ebezihambele lo mcimbi zasala zibuzana ngokwenzekile ngale mikhakha, obekungo-weBest Maskandi, Best Male TV Presenter noweBest Female TV Presenter. Kuthe abantu sebephuma emuva kokunandisa kukaBabes Wodumo kwaqhamuka uXolani Majozi ongusihlalo walo mcimbi wezindondo, waxolisa wabe esecela ukuphuthuma amemezele imikhakha engamenyezelwanga. 

Akabange esabamemezela abaqokiwe, umane wagagula abanqobile. UKhuzani  unqobe eyeBest Maskandi, uMarawa wathola eyeBest Male TV Presenter, uPearl Thusi wathola eyeBest Female TV Presenter.  

Ethintwa uMajozi ngalesi sidididi, uxolisile wathi lokhu kudalwe yisikhathi ebesibekiwe esihambisana nemigomo kahulumeni emenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ngoMsombuluko. 

Uthe akubanga khona ukuxhumana okuqondile phakathi kwabadidiyeli bohlelo, abe-ICC nabo okwenze umcimbi waqedwa le mikhakha ingamenyezeliwe. Uthe babonisene bavumelana ngokuthi uzomemezela abanqobile kuphela, bangabe besamenyezelwa abaqokiwe. 

Uqhube ngokuthi nakuba sibekhona isidididi, kodwa ujabule ngendlela umcimbi ohambe ngayo njengoba bekungokokuqala wenzeka futhi wenzeka ngesikhathi esinzima sokubhebhetheka kweCoronavirus. Kulo mcimbi imigomo kahulumeni yokunqanda ukusabalala kwaleli gciwane ibilandeliwe njengoba izihlalo bezibekwe ngokuqhelelana, bonke abantu abebengaphakathi bebefake isifonyo ngaphandle kwalabo abebenandisa esiteji. Amakhemikhali okugeza izandla abetshalwe kuyo yonke iminyango engenela kule ndawo kanti nesibalo sabantu besisincane. 

Kuke kwaba nesinye isidididi ngaphambi kokuqala komcimbi njengoba kuvele indaba yokuputshuka kwemiphumela. ILANGA liyibonile eminye yale miphumela ngaphambi kwalo mcimbi. 

UMajozi ukuchithile ukuthi ikhona into enjalo eyenzekile.

 uthe yonke imiphumela ihlonziwe yaqinisekiswa futhi ihambisana nesibalo sabavotile. 

Naba abahlomulile eminxeni yabo:-

• Newest Find: Sithelo the DJ 

• KZN Most Loved: Khuzani Mpungose 

• Event of the Year: Impucuzeko 

• Best Promoter: Dogg Durban 

• Special Achievement Awards: Black Coffee, DJ Tira, Ladysmith Black Mambazo noMbongeni Ngema 

• Coolest Hangout Spot: Eyadini Lounge

• KZN Most Loved Cousin: Bonang Matheba 

• Best Telenovela: Imbewu 

• Best Club DJ Female: Sithelo the DJ 

• Best Producer: Mondli Ngcobo 

• Best Club DJ: Dlala Thukzin 

• Best Female Artist: Nomcebo Zikode 

• Best Male Artist: Sjava 

• Best Radio Presenter Female: Jacinta Ngobese

• Best Radio Presenter Male: Khathide  “Tshatha” Ngobe 

• Best Comedian: Siyanda Maphumulo 

• Best Female Actress: Dawn Thandeka King 

• Best Male Actor: Sthembiso “SK” Khoza.

Previous articleUbekhonze amancoko uMadisha
Next articleUtholwe esonakele okusolwa ukuthi ubulawe yizesheli