NONHLAKANIPHO SHINGA
KAKWAZIWA ukuthi zibangeni izithandani zaseMangethe, eMandeni, okusolwa owesilisa ngokujikela isinqandamathe sakhe, wasigwaza amahlandla amaningi ekhanda nasemzimbeni saze sashona ngoMsombuluko ebusuku. Umndeni kaNkz Nomzamo Mayise (24), uthi nawo kawunazo izimpendulo uma ubuzwa ukuthi yini eholele ekutheni lezi zithandani zize zigcine zibambama ngezandla kuze kuphume umphefumulo, kunalokho uthi wona bewazi ukuthi umsolwa nomufi sebahlukna.
UNkz Sinenhlanhla Mayise ongudadewabo kamufi, uthi ngosuku lwesigameko, kufike umngani kadadewabo wamthatha baya endaweni yobumnandi. “Uma sizwa, bafike bahlala lapho kwaze kwafika isoka likamngani wakhe, emuva kwesikhathi kwafika nalona owayeyisoka lakhe. “Kuthiwa bahlalile baphuza baze bahlukana umngani eya kubo kwesoka lakhe nalona wakithi wahamba nesoka lakhe. “Kasazi ukuthi yini le abayibangile eholele ekutheni kugcine sekukhona okhipha ummese phakathi kwabo,” kusho yena.
Uthi bathole ucingo ngezikhathi zabo-7 ebusuku, betshelwa ukuthi udadewabo akasekho emhlabeni, ugwazwe wabulawa yisoka lakhe. “Kuze kube yimanje, nathi kasazi ukuthi kwenzekeni. “Bona bebenakho ukuxabana bahlukane, babuye babuyelane. “Kwesinye isikhathi bebehlala nasebumnandini noma sebehlukene, kungenzeki lutho. “Kasiqondi ukuthi yini le abayibangile. “Nangesikhathi ehamba lapha ekhaya (uNomzamo), ubengumuntu ohamba nomngani, sithukile sekuthiwa usebulewe lapho bekuhlala khona umsolwa,” kusho yena.
Ngokuthola kweLANGA, umsolwa kuthiwa uficwe ngamaphoyisa endaweni yesigameko. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi umsolwa uboshiwe, ubhekene necala lokubulala. “Umsolwa uvelile ekantolo ngoLwesibili, uzobuyela khona maduze nje,” kusho yena. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za