Badinwa eyokudedelwa kwesalukazi “esibulele”

1267

Sisolwa nomzukulu ngokubulala owesilisa bamcwiya izinsalela baziphonsela izinja

NOMFUNDO NGWANE

UMNU Njabulo Dlomo okutholakale izinsalela zesidumbu sakhe emzini 
wabasolwa ababili. 

SITHELE uphethiloli emlilweni wentukuthelo yomphakathi isinqumo seNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma sokudedela isalukazi esisolwa ngokubulala owesilisa wasendaweni sihlangene nomzukulu waso bamcwiya, kwathi izicubu ezisele baziphonsela izinja, zazitika ngazo. 

UNkk Ntombiyomhawu Qwabe (84), uboshwe ngoLwesihlanu oludlule kwathi ngoMsombuluko inkantolo yamkhipha ngebheyili yamahhala kanti umzukulu (19) esingeke simdalule aze avele enkantolo kuthiwa kwembulwa kwembeswa kuyena esibhedlela emuva kokutitinywa wumphakathi.

 ILANGA lithole ukuthi izinsalela zesidumbu sikaMnu Njabulo Dlomo (36), zize zatholakala sekuphele amasonto amathathu anyamalala. Kuthiwa zitholakale eduze kwendlu yangasese kaNkk Qwabe emuva kokunephuzwa yizinja. 

Unina kamufi, uNkz Nkosingiphile Dlomo, waseSdisi, khona KwaNongoma, uthi indodana yakhe yehlelwa yilo mshophi nje, ibiphuma eGoli kukhona okuphuthumayo ebiyokulungisa ekhaya. 

“Ugibele imoto ebisuka eGoli ehamba nabanye abafana bakhona la KwaNongoma. Sithole ukuthi bafike sekuhwalele kanti amatekisi abezomshiya lapha ekhaya abengasekho ngoba kuyibanga eliqhelile nalapho imoto ebashiya khona. 

“Ubebuyele indaba yokuzolungisa isitifiketi sokuzalwa kwengane yakhe, okumele iyobhalisa ukuze iqale ukufunda ngonyaka ozayo. Simfonele esendleleni, wasitshela ukuthi usezokwehla, wacela ukuhlangatshezwa. Kuphume imoto ekhaya iyomhlangabeza kodwa yangamfica lapho abethe uzokwehla khona. 

“Ize yabuya engafikanga. Size sayolala engafikanga, sazitshela ukuthi ubuye washintsha umqondo mhlawumbe uhlangane nabangani bakhe wayolala kubona,” kusho uNkz Dlomo. 

Uthi baqale ukwethuka ngakusasa uma sebezama ukumfonela bengamtholi ocingweni. Bahlabe umkhosi komakhelwane, bayobikela namaphoyisa. Uthi nakuba igcine itholakele indodana yakhe, kusize ukungenelela kwamalungu esiKebhe kwalandelwa umkhondo oze wawaholela emzini wabasolwa. 

UMnu Gabangani Zulu oyisekela likasihlalo wesiKebhe, uthe: “Singomakhelwane nomndeni wakwaDlomo, sithole indaba yokunyamalala kwendodana yakhona ngendlela engaqondakali, sabe sesingenelela sizama ukubasiza. 

“Ngesikhathi senza uphenyo, sithole ukuthi kunomfana wasendaweni othole umabonakude egcekeni labasolwa okuthiwa ubuphethwe ngumufi esuka nawo eGoli. Kuthiwa umfana lo uluthathile udaba wayolubika enduneni, yilapho siqale ukuphenya khona. 

“Siye lapho okutholakale khona lo mabonakude, sazungeza igceke lakhona, sazithela ezimpahleni ezinegazi zifihliwe. Sithole ukuthi ngezikaNjabulo. Sibe sesibahlalisa phansi sakhuluma nabo sitshele ukuthi bamshonisephi uNjabulo.”

Uthi abasolwa baqale baphika ukuthi bayamazi umufi, okuthe uma bebona ukuthi kabadlali bamfuna la, bajika bathi bamshaya bamlimaza ngoba wayezama ukubamba inkunzi. Omunye wabasolwa ugcine elikhulumile iqiniso, washo ukuthi bamshaya bambulala uMnu Dlomo maqede isidumbu sakhe basiqoba bayosiphosa ethoyilethi elisegcekeni ngoba bezama ukufihla ubufakazi, izinsalela baziphosela izinja. 

“Sishaqeke kwaphela nasozwaneni uma besitshela konke lokho. Basikhombisile izimpahla zakhe. Sibikele amaphoyisa abasolwa baboshwa,” kusho kanje umnu Zulu. 

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngoLwesihlanu. Uthi umsolwa oyedwa usesibhedlela ngemuva kokulimala eshaywa ngamalungu omphakathi. UNkk Qwabe uvelile enkantolo ngoMsombuluko waphuma ngebheyili. 

Previous articleUKhune ufuna ukulwela ijezi kwiChiefs
Next articleKWEXWAYISWA UMPHAKATHI NGEZIMVULA EZINAMANDLA