Umndeni uthi uyasola ukuthi linesandla ekufeni kwendodakazi yawo
SKHOSIPHI MTHEMBU
UYAVEVA yintukuthelo ngesenzo sesoka lendodakazi yawo umndeni wowesifazane ILANGA lomhla ka-13-15 kuMfumfu (October) elibhale ngokutholakala kwesidumbu sakhe sigoqwe ngeshidi ehlathini eMthwalume, njengoba kuthiwa lisenge ezimithiyo, lathi livule icala ngokunyamalala kwakhe. Ngesikhathi ILANGA liloba lolu daba, bekunovalo emphakathini waseMthwalume ukuthi hleze sekubuye umalugaju oke wahlasela kule ndawo ngo-2020, nokho uMnu Lucky Bhuyeni ongusihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) kule ndawo, uwuqinise idolo umphakathi ngokuthi izimpawu zikhomba ukuthi umufi ubulawelwe kwenye indawo, isidumbu sakhe sayolahlwa eMthwalume.
Kugcine kuvelile ukuthi isidumbu ngesikaNkz Nonoza Mbhele wase-Adams, eThekwini obehlala eMalukazi nesoka lakhe. Ukuqamba amanga kwesoka lithi livule icala ngokunyamalala kwakhe, emuva kwalokho lashaya utshani, kwenze umndeni wasola ukuthi linesandla ekufeni kwendodakazi yawo. Umndeni kaNkz Mbhele uvezele ILANGA ukuthi wona ugcine ukukhuluma naye ebusuku ngo-Lwesihlanu lomhla ka-kuMfumfu (October) enesoka lakhe endlini, eqeda ukuqoqa imali yerenti njengoba ebegade imiqasho kanina eMalukazi.
Uthi ngokujwayelekile imali abeyaye ayiqoqe nyanga zonke, ibalelwa ku-R36 000 kuya ku-R38 000. “Umama ugcine ukukhuluma naye bexoxa ngale mali yerenti obekumele ayilethe. Bavumelene ngokuthi umama uzofika ngoMgqibelo ziwu-10 eyoyilanda. Kuthe sekusile, umama washaya ucingo kodwa lwangaphendulwa. Kuhambe isikhathi simzama engalubambi, kwabe sekushayelwa isoka lakhe abehlala nalo. “Lisitshele ukuthi limgcine ekuseni ethi uhambisa imali ekhaya e-Adams. Sihlalile salinda kwaze kwahwalala engafikanga.
Ngakusasa, siphinde salishayela isoka lakhe kodwa lamlandula, lathi akabuyanga. NgoMsombuluko lisithintile lathi selibuya emaphoyiseni ukuyovula icala ngokunyamalala kwakhe. “Kudlule izinsuku silindile, sizitshela ukuthi amaphoyisa azosi thinta njengomndeni, kodwa kwathuleka. NgoLwesibili sivukele emaphoyiseni sathola ukuthi liwabikele,” kusho uNkz Sihle kamufi. Uthi batshelwe mayelana nesidumbu size samthola khona. Simbone ngamaphijama abewafakile nangezinye izimpawu emzimbeni wakhe namazinyo akhe, kwazise umzimba ubuvuvukele.
Sithole nezingubo zokulala okuthiwa ubesongwe ngazo kanti umqamelo atholwe nawo, ubufana nowasendlini yakhe. “Sithe sesiphindela endlini yakhe, safika kuvaliwe. Silishayele isoka lakhe, ucingo lwangaphendulwa. Sigcine sigqekeza endlini safica seliqoqe zonke izimpahla zalo lingasekho isoka. Okusithusile wukuthi amateku nengubo isoka avule icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu. empeleni isoka beliqamba amanga, kalikaze liwabi Chiliza ongukanina kamutshelwe ngesinye isihlobo esitholakale eMthwalume. “Sihambe saze safika emakhazeni asePort Shepstone, okulapho ka elithe uhambe ekugqokile, bekusendlini,” esho. Uthi omakhelwane bakamufi bakuvezile ukuthi empeleni yena nesoka lakhe bebevamile ukuxabana. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala uthe amaphoyisa