Badliwe bagxeka iChiefs ngembazo

1375

UMokwena ukhwele wazehlela kuMiddendorp

PHILANI NCALANE

UDINWE yisibhaxu seKaizer Chiefs wakhwela wadilika kumqeqeshi wayo uRhulani Mokwena ongumlolongi we-Orlando Pirates ehlulwe yiziMpofana ngo-3-2 emdlalweni we-Absa Premiership izolo ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eNasrec, eGauteng.
Amagoli okunqobe ngawo iChiefs ebiqeda ishobolo leminyaka ewu-5 ingayehluli iBucs kwiligi, avalelwe enethini nguNtsikelelo Nyauza okube wumkhonto ogwaze ekhaya ngomzuzu wokuqala, uLeonardo Castro ngoka-28 noDaniel Cardoso okube yiphenathi ngoka-84.
Amagoli eBucs kulo mdlalo ashaywe nguVincent Pule ngomzuzu ka-39 noGabadinho Mhango ngoka-59.
Lo mdlalo uphele sekumuncu njengoba kubanjwane ngesidlozana sekusele imizuzu embalwa ukuba uphele.
Lokhu kuholele ekutheni akhishwe ngekhadi elibomvu u-Eric Mathoho ngemuva kokuphusha uTshegofatso Mabasa weBucs.
Lokhu kuchaza ukuthi uMathoho ngeke abe yingxenye yesikwati seChiefs esizobhekana neMaritzburg United kowe-semi final yeTelkom Knockout mhla ka-24 kwephezulu eMbombela Stadium, eMpumalanga.
Bakhona nabanye abadlali beChiefs abazophuthwa yilo mdlalo ngenxa yokuthola amakhadi amaningi aphuzi.
Lesi sixakaxaka yisona esiholele ekutheni uMokwena ashiye angalazi ngo-Ernst Middendorp ocija iChiefs.
UMokwena usole uMiddendorp ngokuhlohla abadlali bakhe ukudlala kabi nokuhlasela abadlali bezakhe. Uthi ukhuliswe ngendlela yokuthi ahloniphe abantu abadala, kodwa uthwala kanzima ukwamukela isenzo sikaMiddendorp.
Ngakolunye uhlangothi, uMiddendorp uncome abadlali bakhe ngokulwa kanzima kulo mdlalo.
Uthi ezakhe kazikakafiki lapho efuna khona, kodwa ujabule ngoba ziyakwazi ukuqoqa imiphumela emihle okuyinto edingekayo.
Usho lokhu ngemuva kokuba ezakhe zidembesele kwazise zike zahamba phambili ngo-2-0 kulo mdlalo, kodwa iBucs yathola amagoli okulinganisa.
Uthi usayikhanda le kilabhu njengoba ezinhlangothini emuva edlala ngabafana abancane kakhulu ngeminyaka yobudala.
Kwenzeka lokhu nje, iChiefs ibiyamukela uDaniel Akpeyi, uReeve Frosler, uKhama Billiat noCastro abebengekho ihlula iChippa United ngo-2-0 phakathi nesonto ekuhambeni.
IBucs ibivele iye kulo mdlalo inganikwa lutho njengoba iwudlale ngaphandle kukaHappy Jele ongukaputeni noMthokozisi Dube abadonsa izigwebo zamakhadi abomvu.
Ngaphezu kwalokhu, ihluleke yancama ukuhlula iMaritzburg United ngoLwesibili kuba ngu-0-0 eGoli yize ibiwuthwele umdlalo.
IChiefs nangeledlule iphule izinhliziyo zabathandi beBucs iyikhipha esigabeni sama-quarter final kwiTelkom Knockout sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UMhango noCardoso naseThekwini bayivakashelile inethi njengoba bephinde benza okufanayo nayizolo koweligi. IChiefs isivule igebe lamaphuzu awu-10 kwiMamelodi Sundowns esendaweni yesibili kwi-log ye-Absa Premiership.
Ukuqoqa amaphuzu ngalolu hlobo kweChiefs kwenza abalandeli bayo babonakale ngombala ezindaweni ezahlukene njengoba iziqhomo zihlale zivakashele izindlebe, benomusa oyizigaxa, bedle ngokuchoma sengathi isicoco seligi sebevele basiphethe ngesandla.
Bathi wumlingo kuphela onga-baphazamisa kuleli giya abaha-mba ngalo njengoba bebhuquzisa namakilabhu athathwa njenga-makhulu kulesi sigaba.

  • IBaroka FC iguqise iPolo-kwane City ngo-1-0 wegoli likaPrince Nxumalo koweligi izolo ngoMgqibelo ntambama e-Old Peter Mokaba Stadium, eLimpopo. Lona bekuwumdlalo wabakhaya baseLimpopo.
  • IStellenbosch FC ishayane yaze yabukana neHighlands Park kuba ngu-0-0 koweligi izolo ntambama eCape Town Stadium.
  • NgoLwesihlanu iMaritzburg United ibambane neBloemfontein Celtic ngo-2-2 eMgungundlovu kwathi iSuperSport United yahlula iBidvest Wits ngo-1-0 eBidvest Stadium.
    Imiphumela yeGladAfrica: Cape Umoya 1, uThongathi 2; Free State 2, Steenberg 2; Swallows FC 1, JDR 2; TS Sporting 1, Tshakuma 0.
Previous articleUchaphe abasekhweni ngenhlamba
Next articleKudutshulwe umfundi waseMfolozi Tvet