Abasindile bathi bebeyokweba izingulube, bahlaselwa ngonogada
NOMFUNDO NGWANE
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
BAGEQE amagula abafana abasindile ngesikhathi kudutshulwa kubulawa abangani babo ababili ‘beyontshontsha izingulube’ ejalidini elintshonalanga yeTheku.
Kusolwa onogada basepulazini ngokudubula babulale uMnu Siphosakhe “Sipho” Ngwabi (17) nomngani wakhe uMnu Simphiwe Dlamini (17) baseLindelani, enyakatho yeTheku.
Izidumbu zabo zitholakale ziphoswe ebhulohweni eliphakathi kwaseLindelani naseClermont. Bobabili laba bafanyana bebefunda uGrade 11 eMandlenkosi High School.
Ngesikhathi laba abasindile belandisa amalungu emindeni yabafi, bahluleke nokuzibamba, basikhihla isililo ngokwenzeke kudutshulwa kubulawa abangani babo.
ILANGA belikhona ngesikhathi laba bafana abazibiza ngamaTerrible, begeqa amagula. Baveze ukuthi bekuwumsebenzi wabo lo abebejwayele ukuwenza ukuyontshontsha izingulube epulazini lalo mlungu.
Bathi bebegqoka umfaniswano wezimpahla ezimnyama uma sebeyontshontsha izingulube abebezidla, kuthi inyama yazo esalile bayidayisele abantu. Imali abayitholayo ngokuzithengisa bebeyiphuza utshwala.
Baveze ukuthi bayiqembu elingaphezulu kuka-10. Bathi bebehlanganela emzini owodwa, abawudalulile ukuthi ukuphi, basho nokuthi bebejwayele ukuthi bahlangane ngabo-10 ebusuku.
Bathe bebebashiya omakhalekhukhwini babo uma sebeyokweba izingulube. Bathi bebentshontsha izingulube ebusuku kuthi ekuseni bavuke baye esikoleni, futhi bebengaziphathi izikhali uma sebeyokweba ngaphandle kwemimese abebehlinza ngayo ingulube uma sebesendleleni, benzela ukufika nayo kalula endlini.
Bebehamba ngezinyawo uma sebeyogila lo mkhuba yize kuyibangana.
Bechaza ngokwenzekile ngosuku lwesigameko, bathi bebewu-9. Bathi bayasola ukuthi balahlwe ngelakubo njengoba befike onogada sebevele bebalindile, ekubeni phambilini bebejwayele ukufika kushaya umoya kuleli jalidi.
Bathi uSipho nguyena ongene kuqala abanye besame ngaphandle kothango, besalungiselela ukujomba. Bathi bezwe ukuqhuma kwesibhamu kaningi, bezwa uSipho ekhala ememeza ecela usizo esedubulekile.
“Akekho otshele omunye ukuthi sekonakele, sonke sicele empunzini ngokwehlukana. USimphiwe ubuyele emuva eyozama ukusiza uSipho kanti uzozithela konogada, bamdubula naye. Sisola ukuthi baqede ukubadubula, bathatha izidumbu zabo bayoziphosa ebhulohweni, benzela ukuthi zingatholakali.
“Sibuyele endlini sonke thina esisindile sabona ukuthi kasiphelele, sabe sesivuka ngakusasa ekuseni siyobheka ukuthi kwenzekeni kubona. Sihlangatshezwe yigazi ngasebhulohweni okuyilona elisiholele lapho ebezilahlwe khona izidumbu zabo,” kusho laba bafana.
ILANGA likhulume noMnu Simphiwe Ngwabi, uyise kaSipho, obesashaqekile ngendlela indodana yakhe eshone ngayo.
“Bengingayicabangeli indodana yami ukuthi seyenza izinto ezibheda kanje. Ngosuku ebulawe ngalo, iphume lapha endlini eseshayile u-10 ebusuku, kayibange isabuya. USipho ubeyingane ethanda ibhola,” kusho uMnu Ngwabi.
Amalungu omphakathi akhulume naleli phephandaba aveze ukuthi beyidumile indaba yokuntshontshwa kwezingulube kodwa bengaziwa abantu abazebayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okubulala kanti bekungakaboshwa muntu.
nomfundo@ilanganews.co.za