Badutshulwe bafa ujokhi nosomatekisi besemotweni

215

Kuthiwa bebehlelela umjaho wangempelasonto lo jokhi abezoba yingxenye

KWESOBUNXELE nakwesokudla ngumufi uMnu Lindelani Sibisi waseMpumalanga, ongujokhi odutshulwe wabulawa elungiselela umjaho wangempelasonto. Lapha wathathwa ejabulile
emuva kokudla umhlanganiso kominye wemijaho yamahhashi KwaZulu-Natal, enehhashi lakhe, u-Alfa no-Omega.

LINDA XIMBA

KUTHIWA utholwe ngamachaphazelo angahlangene nawo kudutshulwa usomatekisi ujokhi wehhashi u-Alfa no-Omega, odubuleke washona nosomatekisi. Lo jokhi waba ngundabuzekwayo ngesikhathi eshaya intambo edla umhlanganiso kwiDundee July yalo nyaka. UMnu Lindelani Sibisi wasesifundazweni iMpumalanga, utholwe yinhlamvu ebingamqondile esemotweni kasomatekisi wase- Eastern Cape nabanye izolo emini. Kuthiwa ubekade epikwe nguMnu Nqaba Bandla ongusomatekisi ukuyogijima emjahweni ofanayo neDundee July, ozokuba ngempelasonto e-Eastern Cape. Kuthiwa bashonele endaweni yesigameko. Kusolakala umbango wasembonini yamatekisi ngokubulawa kwabo. Emjahweni wase-Dundee, uLindelani wahlabana ngesamba sika-R300 000.


Ngemuva kokunqoba, watshela abezindaba ephuphuma yinjabulo ukuthi ngale mali uzothenga ingqovungqovu yemoto, wathi kuzoba ngeyakhe no-Alfa no-Omega obesefana nengane yakhe njengoba bebezwana. “Ngizomthengela nezinto zokugqoka zikanokusho. Ngifuna lapho ehamba khona kucace ukuthi uyingqwele,” washo kanjena. Kuthintwa uyise uMnu Moses Dube, akakwazanga ukwenaba wavele wathi: “Yebo kunjalo. Usesishiyile umfana wami,” esho ngomoya ophansi. ILANGA lehlulekile ukuqhubeka nengxoxo njengoba evele wathula, wezwakala ephendula abanye abantu abebeseduze kwakhe. Usihlalo we-Imizamo Yabagibeli Horse Racing Association, eMpumalanga, uMnu Shabalala, uthe balahlekelwe kakhulu ngokushona kwalo jokhi. Uthe bebehlale bebeke amathemba okudla umhlanganiso abo kuLindani ngoba bebezwana kakhulu nehhashi lakhe.

Uthe ukunqoba kwakhe nokwenza kwakhe kweminye imijaho kusiphakamisile isifundazwe. UMnu Delani Madonsela ongu-Nobhala kwi-KZN Traditional Horse Racing and Breeding Association, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kwalo jokhi. Uthe bayamazi kakhulu uMnu Bandla ngoba ubevamise ukufika nehhashi lakhe Ikusasa Alaziwa, bezodlala eDundee. Uthe lukhulu abebesalulindele ku-Alfa and Omega njengoba ubenekhono eliyisimanga. Uthe uLindelani ubeshaya kwasani emjahweni enjengeNkandla May, iKing Cetshwayo Traditional Horse nowaseMpumalanga.

Previous articleINJABULO ABANTU BENIKEZWA IMISEBENZI WUMASIPALA
Next articleInkabi ‘yayithunywe yinkosikazi yephoyisa ukulibulala’