Bafisa isabalale nakwezinye izifundazwe iNgoma kaZwelonke

163

MTHOBISI SITHOLE

BAFISA ukuthi isabalale nakwezinye izifundazwe – ngenxa yesasasa layo – zaseNingizimu Afrika iNgoma kaZwelonke ebisePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelasonto.  Umcimbi uqale ngo-13h30 ngoMgqibelo, waphela entathakusa yangeSonto – zisina zidedelana.

Angaphezulu kuka-60 amaqembu engoma abeyingxenye yalo mcimbi kulo nyaka. 

Elinye lamagoso, uGadla Nxumalo weSangena yaseShowe, lithe sekucacele nengane encane ukuthi kayikho ingoma engaphezulu kweNgoma kaZwelonke ngenxa yokubuthelana kwabantu kuyona. Litshele ILANGA  ukuthi bengajabula uma uhulumeni ungalula kakhulu isandla
ekuthuthukiseni amagoso, wathi kakusafanele lo mcimbi kube ngowaKwaZulu-Natal kuphela. 

Umhleli walo mcimbi, uMnu Xolani Mcineka, ubonge uthando lwabantu ngokweseka lo mcimbi. Utshele leli phephandaba ukuthi umsebenzi wamagoso mkhulu ezweni, yize bewunganakiwe. “Amagoso abaluleke kakhulu ezweni ngenxa yeqhaza lawo ekwaluseni abafana ukuthi bakhule ngendlela okuyiyona. Akekho umfana osina ingoma owusikhotheni. Ngeke uzwe
kuthiwa ijongo eliphethwe yigoso elisinayo lidlwengule isalukazi,” kusho uMcineka.

Lo mcimbi bewesekwe wuMasipala weTheku, yiLANGA, wuMnyango wezobuCiko namaCiko KwaZulu-Natal neCrawl.

Previous articleKusolwa “umbulali” ngokudukisa umkhondo ngengane etholwe emgodini wethoyilethi
Next articleKusolwa uthishanhloko ngokuhlakazwa kwesigungu sesikole ebesigcwele izifundiswa