Bafisa uhulumeni uvuse isiteshiesinephoyisa elilodwa elisebenzayo

266

Kuthiwa lisebenza ubusuku nemini, akukho neyodwa iveni, kanti nezingcingo kazikho

MTHOBISI SITHOLE

SESIPHENDUKE isidleke semigulukudu isiteshi samaphoyisa esingenawo (amaphoyisa), okuthiwa amanye ashona, amanye ayiswa kwezinye iziteshi kodwa zangavalwa izikhala zawo. Lokhu kuhlalise lubhujozi umphakathi waKwaNgono, eNkandla ngokungasebenzi kwesiteshi samaphoyisa iMfongosi. Sekungena imigulukudu, ihlale ngaphakathi emagunjini ayehlala amaphoyisa. Leli phephandaba elizifikele
mathupha kulesi siteshi, lifice iphoyisa elilodwa lesifazane elihlala ngaphakathi. Liveze ukuthi lisebenza lodwa ubusuku nemini. Kulesi siteshi kukhona i-Affidavit eyodwa, uma kufike ilungu lomphakathi linikezwa yona, liqale liyoyigaya ngaphambi kokuba liyigcwalise njengoba kungasekho nemishini yokugaya.

Akukho ngisho iveni yokusebenza, kuthiwa kusukela ngonyaka ka-2017 umphakathi ubhekene nalesi simo. Ilungu lomphakathi elikhulume naleli phephandaba uMnu Nhlanhla Mkhize, lithi uma kufika umphakathi esiteshini, ubikela leli phoyisa isigameko esenzekile, lithumela u Please Call Me esiteshini esikhulu iKhombe, bese lifonelwa, ngenxa yokuthi akukho ngisho ucingo lokufona. “Isimo esibhekene nomphakathi
ngalesi siteshi sinzima kakhulu. Ababulali nabahlukumezi bemindeni sihlala nabo, kababoshwa. Sisaba ngisho ukukhuluma uma kukhona okusiphethe kabi emphakathini ngoba uzobulawa kuphele kanjalo. Asinawo amaphoyisa, sekwalenga izikhiye, asisazi isizathu salokho.


“Eminyakeni edlule kwakugcwele kulesi siteshi, ekhona amaveni nobugebengu bungekho ngoba kwakuboshwa, kodwa manje kuyacanaswa, abantu benza noma yini abayithandayo, badlwengula nezingane. “Uma kudlwengulwe ingane, iyahlala izinsuku ezingaphezulu kwezine lungekho usizo ekuvulweni kwecala ngoba isiteshi iKhombe esiphakela lesi, naso sikude kakhulu nale ndawo,” kusho uMnu Mkhize. Uthe ziwu-16 izigodi ebezisebenzisa lesi siteshi esesinephoyisa elilodwa. Ukusuka kule ndawo uya esiteshini esikhulu iKhombe, uthe kulinganiselwa ehoreni. Elinye lamaphoyisa elisebenza eKhombe (elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba), lithi inkinga enkulu wukuthi nakulesi siteshi ayashoda amaphoyisa.


“Umphakathi wakwaNgono mkhulu kakhulu, empeleni kufuneka amaveni nomphathi wesiteshi ozobhekana ngqo nesaseMfongosi. Ukusebenzisana kwaso nesaseKhombe akuwenzi umehluko. “Kwenzeka izigameko ezinkulu ezidinga kungenelelwe ngokushesha,
bese kuba yinkinga yokuthi iKhombe ikude kakhulu, nezinsiza zokusebenza ziyashoda,” kusho iphoyisa. Kulesi siteshi (eMfongosi) zingaphezulu kuka-10 izindlu ebezihlala amaphoyisa ngaphakathi esiteshini ezingasahlali muntu. Ikhansela lendawo uMnu Tshepo Ngubane, lithi kwesinye isikhathi lisebenzisa imoto yalo ukuhambisa abantu abasuke befuna usizo oluphuthumayo esiteshini saseKhombe noma lisebenzise ifoni yalo ukufonela isiteshi.

Lithi isimo okuphilwa ngaphansi kwaso kulo mphakathi sinzima. “Abantu kabasalutholi usizo ngoba isiteshi kasisasebenzi futhi kawekho amaphoyisa. Uma kwenzekile lafika elilodwa, uzwa kuthiwa selithathiwe, layosebenzela eKhombe noma eNkandla. “Siyafisa uhulumeni ungenelele, ulethe amaphoyisa aqondene nalesi siteshi nezimoto zakhona, uphinde uvuselele lesi sakhiwo, sinakekelwe, kulethwe nezinsiza zokusebenza zomthetho,” kusho uMnu Ngubane. Okhulumela uMnyango wezoku Vikelwa koMphakathi esifundazweni KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthembise ukubuyela kuleli phephandaba uma ebuzwa ngalolu daba.


Okhulumela amaphoyisa uCol Robert Netshiunda, uthi ngokwamarekhodi abo, isiteshi saseMfongosi sisebenza kahle nsuku zonke. Utshele ILANGA ukuthi ngisho nomphathi wesiteshi saseKhombe okuyisona iMfongosi engaphansi kwaso, unobudlelwane obuhlenobuholi bendabuko bakule ndawo. “Amaphoyisa kawakaze athole isikhalo ngokungasebenzi kahle kwesiteshi saseMfongosi. Noma ngabe ngubani onesikhalo ngomsebenzi wamaphoyisa, makasifake ngendlela ehlelekile, kungaba nakumvikeli womphakathi ngokusho komthetho wakuleli zwe,” kusho uNetshiunda. mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleSENYUKILEISIBALOSABASHONEENGOZINIYASE-HILTON
Next articleSizohlaziywa ngamahlaya isimo sezwe eThekwini