Bafisa ukuthola ilayisense yokuzidonsela amanzi

588

Umphakathi uthi impilo yawo isengcupheni njengoba uwela umgwaqo omkhulu namanzi

AMALUNGU omphakathi abehambele uhlelo lwentuthuko edidiyelwe ngaphansi kukaMasipala uMtubatuba. ISITHOMBE NGU: NOMFUNDO NGWANE

NOMFUNDO NGWANE
UHLELA ukuhlasela uNgqongqoshe wezaManzi nokuKhucululwa kweNdle, uMnu Senzo Mchunu, uMasipala waseMtubatuba, othi ufisa ukunikwa ilayisensi yokuzidonsela amanzi ukuze uhlinzeke ngawo umphakathi kwazise ibhokile inkemane yamanzi kule ndawo. Lokhu kuvezwe yimeya yalo masipala, uMnu Mxolisi Mthethwa ngoLwesine, ku-ward 7, KwaMsane Extension, emhlanganweni wohlelo lwentuthuko edidiyelwe, lapho izakhamizi zithole nethuba lokukhipha imizwa yazo ngezinkinga ezibhekene nazo. Yize amalungu omphakathi ekhale ngezinto eziningi eziwakhathazayo, okubalwa kuzona izindlu zangasese, yimigwaqo engekho esimeni esihle, wukungabi nehholo lomphakathi, isililo esikhulu kube ngesamanzi.


UNkk Nokuthula Khanyile oyilungu lomphakathi, uthi esigodini sabo amanzi kawabonwa. Uthe kudingeka ukuba bahambe ibanga elide, beqe umgwaqo owuthe lawayeka, uN2, ukuze bawathole. “Lokhu kubeka impilo yethu engcupheni ngoba kufanele seqe umgwaqo omkhulu sesithwele amanzi. Siyacela ukuba umasipala ungenelele, usilekelele, okungenani usifakele ithangi okuzothi uma kufika imoto yamanzi, iwathele kulona,” kusho uNkk Khanyile. UMnu Mthethwa ophethe lo masipala ngethikithi le-IFP – uthe le wadi ngeyesi 7 abayivakashele selokhu bengene ekuholeni lo masipala. Uthe kuwona wonke asebewahambele, kukhalwa kakhulu ngendlala yamanzi.


“Ngicabanga ukuthi sonke siyazi ukuthi akuwona umsebenzi kamasipala omncane ukusabalalisa amanzi, kodwake kasikwazi ukuthula abantu bakithi bekhala. Esingakwenza wukuxhumana noMasipala wesiFunda uMkhanyakude, sinicelele amanzi. “Njengoba sesiside isikhathi kunezinkinga zamanzi, sizimisele ukuqonda ngqo kungqongqoshe owengamele ezamanzi kuzwelonke, uMnu Mchunu, sibike usizi lwenu, bese sicela ukuba asinike ilayisensi esigunyaza ukuba sizidonsele amanzi futhi siwasabalalise. “Njengoba sinomfula iMfolozi, ongajwayele ukuphelelwa ngamanzi, kasikwazi ukuhlala nabantu bakithi bekhala ngawo, singenzi lutho,” kusho yena. Ukhale ngesibalo esiphezulu sentsha etheleka kule mihlangano yohlelo lwentuthuko edidiyelwe, wathi uyaqonda ukuthi akukhona ukuthi ilovile emsebenzini, yingoba kayisebenzi.


“Lokhu kukodwa nje, kusikhombisa isithombe sokuthi kune-ntsha eningi engasebenzi. Ngeke sinikhohlise sithi nizoqashwa ngoba nakwamasipala ngeke nisebenze khona nonke, kodwa sizoqinisekisa ukuthi uma kuna-mathuba akhona, kuqashwa abantu bendawo kuqala,” kusho uMnu Mthethwa. Uthe bazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi ihhovisi lentsha linezinhlelo ezahlukene eziyisiza ukuya phambili futhi ithole ulwazi. “Ziningi izinhlelo zokufukula nokuthuthukisa intsha, esizimisele ngokuqhubeka nazo,” kusho yena.
Kuwona lo mhlangano, abafelokazi bakhale kakhulu ngokuvalelwa ngaphandle emathubeni avelayo. Kugcine kuphuma isiphakamiso esithi kumele kube nomnyango ozokwengamela izindaba zabafelokazi.


Imenenja yalo masipala, uMnu Thami Xulu, igqugquzele amalungu omphakathi ukuba ayihambele le mihlangano, wathi yilapho akwazi ukukhala khona ngakho konke okuwakhathazayo. “Esizokwenza manje wukukhetha izinhlelo nezidingo ezibalulekile okumele zihambe phambili uma kuqala unyakamali omusha ngoNtulikazi (July),” kusho uMnu Xulu. Ube esethula uMnu Sabelo Mjwara, weSiyakhula Civils, ozokwakha izindlu eziwu-3 000 ku-ward 5 no-7. Amalungu omphakathi axwayise ngokuthi uma kuke kwaqashwa abantu bangaphandle, azowumisa lowo msebenzi. Le phrojekthi ibizwa ngokuthi yiKwaMsane Housing Extension, izodla imali elinganiselwa kuR9.2 million.
nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUMalema ukhuluma iqiniso okumele laziwe ngabantu
Next articleKWELULWE IZINSUKU ZOKUBHALISA EMANYUVESI E-KZN